USAFUNA okungaphezulu umshayisibhakela waKwaZulu-Natal, uNkosingiphile Sibisi, osethubeni lokuqeda unyaka esewine amabhande amabili.
USibisi (5-0-0) , ongomunye wabashayisibhakela okubhekwe lukhulu kubona kulesi sifundazwe, uwine ibhande leKZN Flyweight ehlula umpetha uNjabulo Buthelezi ngoJulayi. Lokhu kwenzeke empini yakhe yesihlanu eqale isibhakela esikhokhelayo.
Ukufika kwakhe ngesivuvu esibhakeleni kuholele ekutheni aqokelwe umklomelo weBest Newcomer kumaKZN Sports Award abekade engempelasonto edlule eThekwini. NgoMgqibelo, uSibisi uzobanga ibhande le-WBF Intercontinental Flyweight noRamadhan Pido (11-2-2) waseTanzania empini ezoba seFordaville Hall, eMtshezi. Le mpi ikwezihlelwe yiHlula Dladla Promotions ezibizwa ngeVulamasango 2. Empini yosuku, uLindelani Sibisi uzobanga ibhande le-WBF Featherweight noSande Ngoza.
USibisi, ozolwa impi yesihlanu ka-2023, uthe akanelisekile ngasekwenzile kulo nyaka.
“Ngiyajabula kakhulu ngokuthola ithuba lokulwela ibhande le-WBF okungibeka ethubeni lokuvala unyaka nezicoco ezimbili. Nakuba abantu bebona ngidlale kaningi kulo nyaka futhi umsebenzi umuhle engiwenzayo kodwa bengifisa ukuqeda unyaka sengiphethe amabhande amathathu. Kodwa ke amabhande amabili ayatshengisa ukuthi ngiyasebenza,” kusho uSibisi.
Uma uSibisi ewina ibhande le-WBF uzokwandisa isibalo samabhande atholwe ngabashayisibhakela baseSibongile Boxing Gym yaseDundee ewine inqwaba yezicoco ngo-2023. Kubashayisibhakela baseSibongile abawine amabhande kulo nyaka kukhona uTheo Mhlungu noBathabile Ziqubu waseMnambithi. Ukwehlula uKido ngeke kusho kuphela ukuwina ibhande le-WBF kuSibisi kodwa kuzomenyusela eqhulwini ezilinganisweni zeBoxing South Africa (BSA) kwabagaqele ibhande le-SA Flyweight eliphethwe yingwevu uJackson “M3” Chauke. Nokho uhlalelwe wumsebenzi wokugudluza uPido.
“Angimazi kahle kodwa ngiyibonile enye yezimpi zakhe. Uyalwa nje phela ngendlela yakhe kodwa akawona upelepele ongangibabela. Akahlakaniphile. Mina ngeke ungishaye uma ungacabangi. Ngizokuqhatha nekhona lakho njengoba kwenzekile kuButhelezi empini edlule. Uma ebhayiza ngizomqhatha nekhona lakhe,” kusho uButhelezi.
USibisi uqhube wathi ukuqokwa kwakhe kumaKZN Award kumfake umfutho nakuba umklomelo weBest Newcomer ugcine udliwe ngumdlali wombhoxo uGrant Williams.
“Ukuqokwa kami kusho ukuthi umsebenzi uyabonakala. Kuyangigqugquzela kakhulu. Ngifuna ukusebenza kakhulu ukuze ngiphumelele. Ngithole umfutho wokuthi ngingayenza le nto. Kumele ngisebenze kakhulu kunakuqala, ngisebenzise amathuba engiwatholayo,” kusho yena.