UTHEMBISA ukubuya ngomfutho owayeyisilomo samaBhokobhoko, u-Aphiwe Dyantyi, uma sekuphele isigwebo sakhe asithola ngo-2019.
Lo mdlali, owafika kwazwakala eqenjini lesizwe egijima ohlangothini lwesokunxele, wamiswa yinhlangano elwa nokusetshenziswa kwezakhamzimba ezingavumelekile kwezemidlalo, iWorld Anti-Doping Agency.
Ngesikhathi ehlolwa ngoJulayi ka-2019 watholakala enama-steroid amathathu angavumelekile, i-metandienone, methyltestosterone ne-LGD-4033, okuthiwa asiza ekukhuliseni amamasela.
Wagcina egwetshiwe ngo-Agasti ka-2019 ngemuva kokuthi kuhlolwe isampula lakhe lesibili nalo latholakala linazo lezakhamzimba ezingavumelekile.
Kuleli sonto iCell C Sharks ikuqinisekisile ukuthi uDyantyi usesayinile nayo njengoba sekusele kancane siphele isigwebo sakhe seminyaka emine. Uvumeleke ukuthi abuyele enkundleni ngo-Agasti 13 kodwa usengaqala ukuzilolonga.
ISharks ayidalulanga ukuthi usayine inkontileka yeminyaka emingaki kodwa ekhuluma kwi-video efakwe yileli qembu ezinkundleni zokuxhumana, lo mdlali uthe uzimisele ngokulibonga enkundleni leli qembu ngokumnika ithuba lokubuyela ezingeni eliphezulu.
“Ngaphezu kwakho konke, ngijabule kakhulu ngokubuya futhi ngithemba nje ukuthi wonke umuntu oseduze nami ujabule ngendlela engijabule futhi ulangazelele ukubona ukuthi yini engingayenza,” kusho uDyantyi.
“Ngithembisa ukunikela ngakho konke okusemandleni ami, ngilwele leli jezi naleli bheji. Senginesikhathi ngafika eThekwini futhi sengibonile ukuthi iSharks iyigugu kangakanani kubantu.
“Ngifuna ukukuhlonipha lokho futhi abalandeli bakubone konke engikwenzayo enkundleni.”
UDyantyi, oneziqu zeBCom kwiMarketing Management azithola eNyuvesi yaseJohannesburg, ungene kwezamabhizinisi ngesikhathi esamisiwe embhoxweni. Uvule inkampani eyaziwa ngeNgombe Business Solutions, esiza ezinye izinkampani ngobuchwepheshe obuhambisana nama-computer.
Lo mdlali, odabuka eNgcobo, e-Eastern Cape, waqeda isikole eDale College Boys High School ngaphambi kokuthi athathwe yiBorder Bulldogs ngo-2007. Ngo-2015 wajoyina iqembu laseGoli, iLions, alidlalela kwaze kwafika isikhathi sakhe sokumiswa.
Waqala ukudlalela amaBhokobhoko ngoJuni ka-2018 ebhekene ne-England, washaya i-try emdlalweni wakhe wokuqala ngesikhathi iqembu lakuleli linqoba ngo 42-39. Kwaphela u-2018 eseshaye ama-try ayisithupha emidlalweni engu-13.
Waqokwa njengomdlali omusha ovelele kumaWorld Rugby Awards ayebanjelwe eMonaco ngoNovemba ka-2018 ethola indondo yeWorld Rugby Breakthrough Player of the Year.
Ngaphambi kokuthi amiswe, wayebalwa nabadlali okwakulindeleke ukuthi babeyingxenye yeqembu lamaBhokobhoko elagcina linqobe iNdebe yoMhlaba eJapan ngo-2019.
Khonamanjalo, iSharks izobe ibheke ukunqoba kowandulela owamanqamu weCurrie Cup, ezowudlala ne-Airlink Pumas, eHollywoodbets Kings Park ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.
Uma inqoba, izobe izisondeza nethuba lokulwela ukunqoba lesi sicoco okwesishiyagalolunye.
Leli qembu, elicijwa nguJoey Mongalo, liqede endaweni yesibili kwi-log kwathi iPumas, eyaba ngompetha ngonyaka odlule, yalala endaweni yesine.
Ukaputeni weSharks, uReniel Hugo, uthe: “Sisebenze kanzima ukuze sifinyelele lapho esikhona ngakho sizokwenza konke okusemandleni emdlalweni olandelayo. Sifuna ukufinyelela kowamanqamu futhi siyiwine indebe.”
Omunye umdlalo owandulela owamanqamu uphakathi kweToyota Cheetahs neVodacom Bulls eFree State Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.