Kuphuke izihlalo ngakubo kukaDricus du Plessis, ePitoli, ngesikhathi emenyezelwa njengompetha womhlaba we-middleweight kwi-Ultimate Fighting Championship (UFC) emuva ngokuhlula ngamaphuzu umpetha uShaun Strickland, ngeSonto ekuseni eToronto, eCanada.
UDu Plessis (30) uqophe umlando ngokuba umpetha wokuqala womhlaba ovelala eNingizimu Afrika kulo mdlalo onakwe kakhulu e-United States of America (USA) ohlanganisa izindlela eziningi ezahlukene zomkhalambazo.
Ngokuphuca iStrickland ibhande, uDu Plessis ugoduke nesheke lemali elinganiselwa ngaphezulu kukaR18.5 million ($1 million).
Unethuba lokuyiphinda kabili ngenxa yoxhaso nodumo oluhambisana nokuba ngumpetha womhlaba oseluzomlandela konke lapho ehamba khona kuze kube ubuyela ekhejini eseyolivikela.
Ngaphambi kokuthi bangene ekhejini noStrickland, indaba kaDu Plessis ibisegudwini ezinkundleni zokuxhumana eNingizimu Afrika, kusukela kosaziwayo obekukhona kubona nokaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, bemfisela inhlanhla kule mpi ehambe yaze yayiqeda yonke imizuliswano eyisihlanu ebiyikalelwe.
UDu Plessis obekubukeka sengathi ulandela emuva esiwombeni sokuqala sempi, uvuke umbhejazane kusukeka emzuliswaneni wesithathu kwaze kwaba namajaji amabili kwamathathu amnika le wini eyingqophamlando.
Ngesikhathi kuqhubeka le mpi, iSuperSport.com ichome i-video ekhasini layo lika-X ikhombisa ngakubo kukaDu Plessis ePitoli, kuhlangene zonke izinhlanga ukuzobuka le mpi kwithelevisihini okuyinto ejwayele ukubonakala kuphela eNingizimu Afrika ngenxa yezemidlalo.
Kule video kuhlangene abantu okusobala ukuthi beseka uDu Plessis kwazise iqoshwe lapho ekhulele khona (ngokusho kweSuperSport.com) kodwa kuthe kungamenyezela ukuthi i-UFC isinompetha omusha, abazange besazihlupha ngokuqhubeka nokulalela kwazise basabalale macala onke, bephula izihlalo njenxa yokweqiwa injabulu.
Kusukela ezikhulwini zikahulumeni kuya kosaziwayo nalabo abangabantu baseMzansi nje, impumelelo kaDu Plessis iphinde yenza lokhu ezemidlalo ezihlale zikwenza kubantu bakuleli.
Kubuyise inhlansi yethemba ngezwe elinokuthula, amathuba alinganayo kuzona zonke izinhlanga nokubekezelelana.