UMSUBATHI waKwaZulu-Natal, uThobani Chagwe, uzibekele ukuqeda ebalwa nabayishumi abazofika kuqala entanjeni uma sekugijinywa i-TotalSports Two Oceans 56km Ultra Marathon, ngempelasonto.
UChagwe (32), uchaze unyaka odlule njengomhlukumezile ngenxa yokulimala kodwa manje usezizwa engumqemane njengoba ezihlelele ukwenza kahle emjahweni walo nyaka.
Lo mgijimi waseNkwezela, eBulwer, wazakhela igama ngo-2014 ephula irekhodi leMandela Day Marathon ngesikhathi esiwu-2:27:12.
Ngo-2019 wanqoba iHarry Gwala District Marathon maqede waklonyeliswa ngonyanyavu lwemoto.
Engxoxweni neSolezwe uveze ukuthi kuzobe kungokokuqala egijima iTwo Oceans. Uthe okumenza azethembe ukuthi amalungiselelo uwenze ngokuhlanganyela nomkhaya wakhe uBongmusa Mthembu, ongathintwa emijahweni yamabanga amade.
Ngaphandle kokunqoba iComrades Marathon ngo-2014, 2017 nango-2018, uMthembu ngo-2019 uyinqobe iTwo Oceans ngesikhathi esiwu-3:08:40.
UChagwe ogijimela iMaxed Elite, udalule ukuthi amalungiselelo eTwo Oceans bawaqale ngoDisemba, beziqeqeshela esintabeni zangakubo eBulwer, Underberg naseMooi River.
"Ngokujima noBongmusa ngifunde lukhulu. Uyayazi into ayenzayo. Yingakho ehlale enqoba kumabanga amade. Ngingasho ngingananazi ukuthi ngikulungele ukugijima iTwo Oceans. UBongmusa uthe kumele senze isiqiniseko sokuthi singena kwi-Top 10. Ngiyazi ukuthi kuzoba nzima njengoba lo mjaho ungenelwa abagijimi bezinga lomhlaba. Kodwa ngizimisele ngokulwa kuze kube sekugcineni. Ngizimisele ngokungena kwi-Top 10," kubeka uChagwe.
Emjahweni wanyakenye abasubathi besilisa baKwaZulu-Natal, benza kahle. UNkosikhona Mhlakwana odabuka KwaMathandubisi, eHowick, waphuma isibili (3:09.08), kwathi uSiboniso Sikhakhane waseNewcastle, waphuma isithathu (3:11.31). Intambo yashaywa ngu-Edndale Belachew wase-Ethiopia (3:09.05). Kwabesifazane kwakhonya uGerda Steyn osegijimela iPhantane AC (3:29.42).
UChagwe ubalule nokuthi uma eqeda ngeTwo Oceans, uzogijima koweComrades Marathon ngoJuni 11, lapho ezobe eqala ukungenela ukusubatha. Izobe yehla, izosukela eCity Hall, eMgungundlovu, iphelele iKingsmead Cricket Stadium, eThekwini.
Khonamanjalo, uMhlakwana ogijimela iHollywoodbets AC, uthe uyabuyela kwiTwo Oceans. UMdu Khumalo wePhantane uthe uzobe egadla ngoGerda Steyn. Kwabesilisa ushaya ngoNkhabutlane Motlokoa, Mohaiu Masoenyane noNkululeko Ngubane. Ku-21km uzogadla ngMbuleli Mathanga, Sipho Mbanjwa, noNwabisa Mjoli.
Ngaphandle kukaChagwe, uMartin Ngwenye weMaxed Elite, uveze ukuthi uzothumela noNdumiso Sokhela, ku-21km uzogadla ngoPakiso Mthembu. Umpetha weTwo Oceans uzothola uR250 000, endaweni yesibili (R125 000), isithathu (R65 000).