ISIHLABANI somgijimi wakuleli, uCaster Semenya, sesiphumele obala ngokuthi impilo yaso yashintsha kanjani ngemuva kokungatshazwa kobulili baso yinhlangano eyengamele ezokusubatha emhlabeni, iWorld Athletics (eyayaziwa ngele-IAAF).
USemenya ugonyuluka encwadini yakhe entsha enesihloko esithi “The Race To Be Myself.”
Kule ncwadi uvula isifuba ngokwenzeka ngesikhathi ephoqwa ukuthi adle amaphilisi noma ajove ukuze ehlise izinga le-testosterone emzimbeni kulandela ukunqoba kwakhe kuma-World Championships ka-2009, eBerlin, eGermany, eneminyaka engu-18.
USemenya ungumsubathi wesifazane onomzimba okhiqiza amazinga aphezulu e-testosterone, okuyi-hormone evame ukuba phezulu kwabesilisa. IWorld Athletics iqhamuke nemithetho emphoqa ukuthi alehlise izinga le-testosterone ukuze agijime.
Ekuqaleni walwisana nale mithetho enkantolo wakwazi ukugijima futhi, waze wanqoba igolide emijahweni ka-800m yabesifazane kuma-Olympic ango-2012 eLondon nawango-2016 eRio de Janeiro.
Nokho iWorld Athletics yabuye yakwazi ukuyibuyisa le mithetho. Eminyakeni embalwa edlule ubengena ephuma ezinkantolo ukuze iphinde iguqulwe.
Inkantolo ephakeme yase-Europe yamalungelo abantu yakhipha isinqumo esithi inkantolo yezemidlalo, iCourt for Arbitration for Sports, ayenzanga kahle ngesikhathi ichitha isicelo sikaSemenya sokumisa imithetho yeWorld Athletics nokuthi amalungelo akhe awahlonishwanga.
Leso sinqumo yasishaya indiva iWorld Athletics njengoba le mithetho isaqhubeka namanje.
Le ncwadi ikhuluma ngendlela uSemenya aya ngayo esibhedlela ngo-2009 elindele ukuyohlolelwa izidakamizwa nezinye izinto ezingavumelekile kwezokugijima, njengoba kuvame ukwenzeka kwabezemidlalo kodwa wagcina ethole ukuthi ubeyohlolwa ubulili.
Waphinde wahlolwa eBerlin ngaphambi komjaho wamanqamu kumaWorld Championships. Yilapho imiphumela yakhe yapotshozelwa khona abezindaba ingakafiki nakuyena.
“Ngazizwa ngingahlonishwanga. Abantu kufanele bahloniphe amalungelo abanye. Ngicabanga ukuthi yilokho okwangicasula ngaleso sikhathi. Ngazitshela ukuthi uma becabanga ukuthi angiyena umuntu wesifazane ngokwanele, ngizobakhombisa emjahweni. Ngabona kungcono ukuthi ngigijime nginqobe izindondo, bese ngikhuluma sengiqedile,” kusho uSemenya engxoxweni asanda kuba nayo nesiteshi sethelevishini sase-USA iCBS ngesikhathi ethula incwadi yakhe.
Lo msubathi uthe kumphatha kabi ukuthi uma abasubathi besilisa begila izimanga beqopha amarekhodi ngenxa yendlela abadalwa ngayo akekho obabuzayo kodwa uma kuwumuntu wesifazane owenza kahle kuba nemibuzo.
“Akukhona ukuthi ngifuna ukuthi kuhlolwe amadoda. Umbuzo uthi kungani abesifazane belawulwa kwezemidlalo? Kungani uma abesifazane benza izinto ezingajwayelekile kufanele kubhekwe okungalungile? Uma abesilisa benza izinto ezimangalisayo kwezemidlalo bayatuswa, kuthiwe bavela komunye umhlaba.”
USemenya uphinde waphika ukuthi iWorld Athletics ibimcabangela ngesikhathi ithula imithetho ephoqa laba abanamazinga aphezulu e-testosterone ngokwemvelo ukuthi bawehlise njengoba ekholelwa ekutheni leyo mithetho iyacindezela kulabo abadalwe kanjalo.
“Kungamampunge. Ngeke uthi wonke umuntu uvumelekile kwezemidlalo abayenzayo bese uqala ukulawula abantu besifazane abathile. Akukwazi ukuthi ufuna ukujabulisa abantu besifazane kodwa uhlukumeze abanye," uchaze kanje.
Le ncwadi iqala ekukhuleni kukaSemenya eLimpopo lapho elandisa khona ngezimpi ayezilwa nezinye izingane ezazimhlukumeza, ikakhulukazi abafana.
Uthe ukuhlukunyezwa yilabo abaphethe ezokusubatha esekhulile kwamsiza ukuthi aziqonde futhi azithande kakhulu kunakuqala.
“Yilapho ngabona khona ukuthi unamandla okuzamukela. Ngisho noma bethini ngalokho abacabanga ukuthi uyikho, kufanele uzithande wena. Kungaleso sikhathi lapho ngaqala khona uhambo lokuzithola, ukuzilawula, nokuzithanda,” uphethe kanje uSemenya.
USemenya wagcina ngo-2019 ukugijima umjaho webanga lika-800m. Eminyakeni edlule uke wazama amabanga amade njengo-1500m no-3000m.