UKUHOXA kukaJenet Mbhele eqenjini eliya kuma-IAU 50km World Championships, kuvulele uZinhle Shabalala ithuba lokuyomela izwe lakhe ezingeni lomhlaba.
Umqhudelwano ungeSonto, eHyderabad, e-India.
Eqenjini labesifazane, uJenet ubeboshelwe nomkhaya wakhe, uMakhosazana Mhlongo, Adele Broodryk, Stella Marais, Galaletsang Mekgoe noDeanne Loubsher.
Elabesilisa lakhiwe uDan Matshailwe, Nkosikhona Mhlakwana noSikhumbuzo Seme baKwaZulu-Natal, Pule Sibeko, Rufas Photo noGladwine Mzazi.
Ngenyanga edlule, le ntokazi yaseMzimkhulu ize yancamela ukungayi kwiSanlam Cape Town Marathon ngoba ifuna ukuya e-India.
UJenet utshele Isolezwe ukuthi wukukhathala komzimba okwenze waqoma ukuhoxa ukuya e-India.
"Umzimba unqabe noma sengiwuncenga. Kungikhathaze kakhulu ukugijima iComrades Marathon nama-ASA Marathon Championships. Ngiphinde ngagijima nePrince Mangosuthu 52k Marathon neminye eminingi. Ngibone kungcono ukuyekela abanye abangumqemane. Lizophinde liqhamuke elinye ithuba lokumela izwe lami," kubeka uJenet.
UZinhle ogijimela iHollywood AC, uthe kube sengathi uyaphupha aziswa ngezindaba zokufakwa kweliya e-India. Uveze ukuthi akalinqabanga leli thuba ngoba uhlale esemgwaqweni, ejima. Ufakwe kuleli qembu ngenxa yokwenza kahle kwiNedbank Runified Breaking Barriers 50km nyakenye eGqeberha.
Uma kuhlanganiswe nabasubathi bangaphandle ulale kweyesihlanu ngesikhathi esingu-3:24. Kwabakuleli uphume eyesibili.
Ngo-2021, waphuma kweyesikhombisa, wakleliswa kweyesibili kwabakuleli kuphela. Wenze esiwu-3:20. Lesi yisikhathi esihle kunazo zonke ake wasigijima kuleli banga.
"Ngiyabonga ngethuba engilitholile. Lokhu kungigqugquzela kakhulu kunakuqala ukwenza umsebenzi wami ngokuzimisela. Kuzoba ngokokuqala ngimela izwe lami. Ngizimisele ukufunda lukhulu e-India. Uma ngibheka abasubathi engizohamba nabo ngibona sinalo ithuba lokunqobela izwe lethu indondo," kubeka uZinhle.