SEKULINDELWE umbiko wodokotela ozocacisa ngokulimala kwesilomo seqembu lesizwe lakuleli lebhola lombhoxo amaBhokobhoko, uCheslin Kolbe, okhishwe esethwelwe ngohlaka ngesikhathi iqembu lakhe laseFrance, iToulon, linqoba kwiLyon emdlalweni wangempelasonto weFrench Top 14.
Okungenzeka kunyuse amaphaphu ngokulimala kukaKolbe ngisho ekhempeni yamaBhokobhoko, ukuthi uphuma enkundleni ekhihla isililo nje, sekusele izinyanga eziyisithupha ukuba uqale umqhudelwano abangompetha bawo, iNdebe yoMhlaba.
Lo mqhudelwano uzoqala ngoSepthemba 8, kwelaseFrance, lapho Amabhokobhoko emelwe khona ukuvikela isicoco asidle eJapan ngo-2019.
Umdlalo wezimbangi iToulon neLyon ubunemizuzu engu-36 uqalile ngesikhathi uKolbe oqhamuka ngosophondweni ngesivivinini esimangalisayo.
UKolbe oneminyaka engu-29 ubudala, uthe angashayela iqembu lakhe i-try eStade de Gerland, wakhombisa izimpawu zokuthinteka lapho ebekhomba khona iqakala.
Lesi sikhwishikhwishi esigcine ukubonakala kumaBhokobhoko ngoNovemba, nyakenye, ngenxa yokulimala, sikhishwe ngohlaka sikhihla isililo okudwebe isithombe esithusayo ekhempini yamaBhokobhoko nakubona bonke abalandeli bombhoxo waseNingizimu Afrika.
Namanje uKolbe usahleli ezinhliziyweni zabathandi bombhoxo wakuleli kusukela ashaya enye yama-try ayohlale ekhunjulwa kowamanqamu wango-2019, amaBhokobhoko enqoba kwi-England.
Ngaphandle kwaleyo-try, uKolbe ungesinye sezithenjwa okukhula ithemba nakubalandeli uma sisenkundleni ngoba isivinini namaqhinga akhe okuvula indlela ngasophondweni enza nezitha umhlaba wonke zivevezele uma zizobhekana naye.
Yize kuthusa ukulimala komdlali omqoka njengoKolbe sekusele izinyanga eziyisithupha ukuthi amaBhokobhoko avikele isicoco kodwa ukukhula koCanan Moodie, Aphelele Fassie noKurt-Lee Arendse, abakukhombisa muva nje, kuqinisa idolo.
Imibiko eqhamuke eFrance izolo, icaphune umqeqeshi weToulon, uPierre Mignoni, ethi uKolbe akaphukile kodwa uphinyilikile kodwa basazozwa umbiko ogcwele wodokotela.
Amabhokobhoko azobuyela enkundleni ngokubhekana ne-Australia koweCastle Lager Rugby Championship ngoJulayi 8, eLoftus Versveld.