UKWANDA kwabamnyama ekubeni ngabaqeqeshi nabadlali emaqenjini esizwe ombhoxo nekhilikithi kuvusa umbuzo wokuthi ngabe isigcine inqotshiwe yini impi yokuvulelwa kwabo kule midlalo enomlando omude kuleli yokuba ngeyabamhlophe.
Uhlelo lokuvulela amathuba abamnyama kule midlalo, neminye eyaziwa njengeyabamhlophe, luvele nohulumeni wezwe eminyakeni edlule emuva kwezigameko ezifana nokuthi ngo-1995 amaBhokobhoko anqobe iRugby World Cup engenayo umdlali ongumsinsi wokuzimilela ngaphandle kukaChester Williams kuphela.
Lolu hlelo kalwamukelekanga kahle ezinhlanganweni eziphethe le midlalo kangangoba kuze kwagcina kuba nezinsongo ezivela kuhulumeni, zokufaka unswinyo uma zingenziwa izinguquko.
Kulezi zinsuku indlu emnyama iyabonakala kule midlalo futhi isezikhundleni eziphezulu njengokuba ngokaputeni nabaqeqeshi.
Embhoxweni kubalwa uSiya Kolisi, ongukaputeni wokuqala wamaBhokobhoko omnyama, ohole izwe linqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2019.
Ethimbeni labaqeqeshi esikwatini sikaKolisi bekukhona uMzwandile Stick, ongelinye lamaphini kaRassie Erasmus obeyinhloko engumqondisi wombhoxo kuleli.
Enkundleni uKolisi ubehola isikwati ebesihlobe ngabadlali abangumsinsi abayisikhombisa, obekuqala emlandweni wamaBhokobhoko.
Laba badlali nguLukhanyo AM, ongelinye lamaphini kaKolisi, Makazole Mapimpi, Sbu Nkosi, Bongi Mbonambi, Trevor Nyakane noTendai Mtawarira.
AmaBlitzbokke awasele ekufukulweni kwabamnyama kwazise kuyimanje acijwa nguSandile Ngcobo, ukaputeni wawo nguSiviwe Soyizwapi.
Kwikhilikithi, sekuke kwabamba uMalibongwe Maketa engumqeqeshi kanti nakhona kunokaputeni wokuqala omnyama, uTemba Bavuma.
Konke lokhu kunika isithombe sokuthi impi isinqotshiwe. Kodwa ingxoxo nezincushe ezahlukene kulo mkhakha iveza okuhlukile.
UMandla Mtshali, onomlando omude ekuthuthukisweni kwabamnyama embhoxweni, kwazise ungumethuli wawo kwiSABC futhi unezikhundla kwiKwaZulu-Natal Rugby Union (KZNRU), uyikhombe kuyo uqobo indlu emnyama eyekusasa labo.
“Kuyajabulisa impela esikubonayo. Ziyajabulisa izibalo zabadlali abamnyama ngokunjalo nabaqeqeshi esibabona ezinhlakeni eziphezulu zombhoxo. Kodwa mangikusho kugcwale ukuthi akwanele,” kusho uMtshali ongesinye sezikhulu esigungwini esiphezulu seKZNRU.
“Impi yoguquko ibingengakho mayelana nokuthi abawotholi amathuba abadlali bethu kodwa ibisekutheni kunompheme obavimbelayo uma kuyiwa emazingeni aphezulu. Njengamanje sesiyababona kodwa sisenganyuka kakhulu isibalo uma abantu abamnyama abasezindaweni zethu bengaqala indaba yokusukumela umbhoxo.
“Ave kulula ukubala abadlali esinabo kumaBhokobhoko, kumaSharks njalonjalo kodwa bazovelaphi laba badlali? Bazovelaphi abadlali uma ezindaweni zethu ungadlalwa umbhoxo?
“Lokhu kusho ukuthi kusazoqhubeka amathuba atholwe yilabo abazoba nenhlanhla yokuphuma emakhaya angconywana nabazoba nenhlanhla yokuthola imifundaze yokuya ezikoleni eziwudlalayo umbhoxo.
“Ingcabha ngiyibona isisele kithi siyindlu emnyama, ukuba silandelele iminyango nemigudu efanele emikhandlwini nakubantu abafana nami osezinhlakeni zeKZN Rugby Union, basithume sibakhele izinkundla, sibanike nezinsiza zokudlala umbhoxo ukuze izingane zizowudlala umbhoxo emiphakathini yabantu abamnyama.”
Ngalesi sikhathi uMtshali, onguthishanhloko esikoleni samabanga aphakeme kwesinye sezikole eNewcastle futhi ongusihlalo weqembu iFlying Eagles yaseDannhauser, uyibuyise wakhomba ekhaya KwaZulu-Natal injumbane.
“Uma ngikhuluma ngemiphakathi yabantu abamnyama, akufanele uze ubuke kude. Qaphela ukuthi uma sibala abadlali abamnyama ezikwatini eziphezulu nakumaBhokobhoko, sikhuluma ngabadlali abadabuka e-Eastern Cape bodwa. Kudalwa yini lokhu?
“Kudalwa wukuthi kulesiya sifundazwe uyadlalwa umbhoxo nekhlikithi ngendlela ethi mayifane nale okudlalwa ngayo ibhola kulesi sifundazwe. Kuyimanje sinabo abadlali abathathu kumaSharks abadabuka eKZN kodwa okubafikise lapho wukuba nenhlanhla yokufunda ezikoleni ezidlala umbhoxo.
“Kulabo ngibala uPhendulani Buthelezi waseHluhluwe, uMpilo Gumede waseZululand noKhutha Mchunu waseGreytown,” kusho uMtshali.
Ekhuluma ngalesi sihloko kuKhozi FM, umdlali wamaSharks, uButhelezi, ushayele isipikili ekutheni abantu abamnyama bawuvulele umbhoxo udlalwe ezindaweni zabo kuhlelwe neziteki imbala.
“Kuke kungiphathe kabi ukubona ukuthi indlu yakithi ifuna ukuyibamba phezulu kodwa emuva ezindaweni zethu emakhaya akukho zinkundla futhi nabahlela iziteki nemiqhudelwano bahlela eyebhola kuphela,” kusho uButhelezi oke waba ngukaputeni wamaBaby Boks esikwati sezwe se-Under 20.
“Ayikho eyombhoxo. Lokho kubi ngoba iqiniso wukuthi umbhoxo uvula amathuba amaningi kabi ukudlula ibhola. Ngikhuluma nje mina umbhoxo ungifundisile ezikoleni eziphambili ngaze ngafika kuleli zinga. Ngiyafisa ukuthi kuvuleleke amathuba kubadlali abaningi, kuvele abanye oPhendulani.
“Ngiyafisa ukuthi abahlela imiqhudelwano emiphakathini yethu bakunake lokhu futhi nami ngizozimisela ukuthi ngelinye ilanga ngifake isandla ekusunguleni imiqhudelwano yombhoxo ezindaweni zethu zasemakhaya ukuze abadlali bawathole la mathuba.”
UMtshali ugcizelele ukuthi imali ikhona futhi ikhishwa minyaka yonke emikhandlwini yokwakha izinkundla zombhoxo kodwa igcina yenza okunye ngenxa yokuthi abekho abakhombisa ukuyidinga.