UGEZEKE ubebebe uMdu Khumalo ongumnakazi nomqeqeshi kwiPhantane AC, ngakubize ngokushaya into ecokeme kwabagijimi bakhe abebeyibambe kwiTotalsports Two Oceans Ultra 56km Marathon ebingempelasonto edlule, eKapa.
Igama lePhantane belihamba phambili njengoba uGerda Steyn (33) edle ubhedu ebangeni lika-56km kwabesifazane engena entanjeni ngerekhodi elisha lika- 3:29.06. Bekungokwesithathu eshaya intambo kulandelana. Uqale ukunqoba ngo-2019, ngesiwu-3:31.29.
Ngo-2020 nango-2021, lo mjaho awubanga khona ngenxa yeCovid-19.
Nyakenye, le ntokazi edabuka eBothaville, eFree State, nokho esizinze eGoli, ibuyile yashaya intambo ngesiwu-3:29.42.
Kwabesilisa, nakuba intambo ishaywe iGivemore Mudzinganyama waseZimbabwe, ngesiwu-3:09.56 kodwa uNkhabutlana Motlokoa waseLesotho naye ogijimela iPhantane, wenze kahle elala eyesishiyagalombili ngesiwu-3:13.48.
Izolo, ku-21km yabesilisa, uMbuleli Mathanga osephenduke ubuso bale kilabhu, akaphoxanga enqoba ngesiwu-1:03.58.
Kulo leli banga, uSipho Mbanjwa oqeqeshwa wuye uKhumalo nokho ogijimela iHollywoodbets AC, uphume eyesishiyagalombili ngesiwu-1:06.02. Kwabesifazane intokazi yayo iPhantane, uNwabisa Mjoli, ilale isine ngesiwu-1:18.37. Kukhonye u-Emma Pallant wase-England, ngesiwu-1:14.17.
Ngemuva kokunqoba kukaMathanga, uKhumalo, uthe uye eCape Town enenkulu ingcindezi. Uthe njengoba nekilabhu yakhe ixhaswe ngabakwaTotalsports, bekulindeleke ukuthi enze kahle kwiTwo Oceans.
"Ngijabule kakhulu ngengikwenzelwe ngabagijimi. Behlise enkulu ingcindezi emahlombe ami. Ngibabonga kakhulu nabakwaTotalsports. Ngaphandle kwabo besingeke sikwenze lokhu. Basikhokhele zonke izindleko zalo mjaho. IPhantane neTwo Oceans baxhaswa iTotalsports. Bekungeke kube kuhle ukube sishaye udaka kulo mjaho," kubeka uKhumalo.
Ebuzwa uKhumalo ngemfihlo yabo, uthe isisekelo ukusebenza kanzima nokuhloniphana.
"Ngisizwa ukuthi ngakha ukwethembana phakathi kwethu. Ngiyincwadi evulekile kubasubathi bami, anginazimfihlo. Bayakwazi engikuthandayo nengingakufuni.“
Mayelana namalungiselelo eTwo Oceans, uveze ukuthi kuye kwamphoqa ukuthi enze izinguquko kwindlela abenza ngayo
"Isibonelo, uMbuleli asimhambisanga kuma-ASA Track and Field Championships ngoba sifuna enze kahle kwi-Two Oceans. Kuningi esikushintshile nesinikele ngakho. Ngiyabonga ngoba kuhambe ngononina," kuqhuba lo mqeqeshi ophinde wabonga iSqiniseko Gumbi Accounting, Consulting, Assurance and Digital Transformation, ngokubaxhasa.
Abanye bakulesi sifundazwe abenze kahle kwelika-56km, uNkosikhona Mhlakwana weHollywoodbets, olale isithathu ngo-3:10.40. Nyakenye wayelale isibili. Omunye uMsawenkosi Mthalane, ulale isine ngo-3:11.17.