LIKHULU ithemba kuJames Moloi ongumengameli we-Athletics South Africa (ASA) ngokuthi kumaWorld Athletics Championships aqala ngoMgqibelo, eHungary, bazokwazi ukugeza igama elonakala ngo-2019 nanyakenye, bengabuyi nandondo kulo mqhudelwano.
Iqoqo lokugcina lesikwati sabasubathi abangu-36 lilifulathele izolo elakuleli. INingizimu Afrika iya kulo mqhudelwano ikwenkulu ingcindezi yokugeza igama layo.
KumaWorld Champs abenyakenye e-Oregon, e-United States of America (USA), nakwawaseDoha, eQatar, ngo-2019, ayinqobanga ngisho indondo yokubika. Yagcina ukunqoba eziyisithupha ngo-2017, eLondon.
Elakuleli lasindela uWayde van Niekerk owathola eyegolide ku-400m neyesiliva ku-200m. UCaster wathola eyegolide ku-800m neyethusi ku-1500m. ULuvo Manyonga wahlabana ngeyegolide kwiLong Jump, uzakwabo uRuswahl Samaai wanqoba eyethusi.
UMoloi ekhuluma neSolezwe eseBudapest, uthe balindele izindondo ezintathu kuya phezulu.
"Okusinika ithemba ukuthi u-70% wabasubathi abakhe isikwati sethu uzinze e-Europe. Iningi lise-Italy. Okwesibili, abasubathi bethu abafana noWayde, Akani Simbine, Zakithi Nene, nentokazi uMarione Fourie ogijima u-100m hurdles, benze kahle kakhulu ochungechungweni lweDiamond League.
“Bekuqala lokhu. UWayde uze wanqoba imilenze emithathu. Okunye okusinike ithemba wukuba sezingeni eliphezulu kwamaSouth African Track & Field Championships ekuqaleni konyaka ePotchefstroom. Angifuni ukusho ukuthi sizonqoba nhloboni yezindondo kodwa engikwaziyo ukuthi zikhona kulokhu esizobuya nazo," kubeka uMoloi.
Uthe okubashaye kakhulu kumaWorld Champs abese-USA, wukungabi naso isikhathi esanele sokwenza amalungiselelo.
"Okunye ukuthi besiphuma kwi-Covid-19. Umhlaba bewuvalwe thaqa, kungekho miqhudelwano. Abasubathi bethu baphinde bahlukunyezwa indaba yama-visa okungena eMelika," kuqhuba lesi sikhulu esiveze nokuthi ikhona inkece abazoyinika abazobuya nezindondo eBudapest.
UMoloi uqhube wathi ngasekupheleni konyaka, bazokwenza umcimbi wokuklomelisa ebenze kahle kwezokusubatha.
UWayde okuke kwaba novalo ngekusasa lakhe ngenxa yokulimala, kubukeka esabe nonyaka omuhle.
Ebangeni lakhe, u-400m uvule unyaka ngokunqoba amaSA Champs (44.17). Ube esenikela kwiRacers Grand Prix, eKingstone, eJamaica, washaya intambo ngesikhathi esiwu-44.21. Akabange esabheka emuva njengoba enqobe umlenze weDiamind League wase-Oslo, eNorway (44.38), Poland (44.08) nowaseLondon (44.36). Kuzokhumbuleka ukuthi wuye ophethe irekhodi kuleli banga (43.03), alenza kuma-Olympic Games ango-2016, eBrazil.
USimbine ozogijima u-100m ne-4x100m relay, naye uvule unyaka ngokunqoba kumaSA Champs ku-100m. Ulale isibili ngesikhathi esiwu-10.01 kwi-Adidas Atlanta City Games, eMelika. Uphinde waphuma indawo efanayo ngesiwu-9.99 emlenzeni weDiamond League eRabat, eMorocco. Ube esenqoba owaseStockholm, eSweden, ngesiwu-10.03 nowaseStadion Slaski, ePoland, ngesiwu-9.97.
Unqobe ne-62nd Ostrava Golden Spike yaseCzech Republic ngesiwu-9.98.