NAKUBA izinto zibukeka zingalihambeli kahle elakuleli emncintiswaneni iWorld Athletics Championships, eBudapest, eHungary, kodwa uJames Moloi, umengameli we-Athletics South Africa (ASA), usenethemba lokuthi ngeke libuye lishwiba izandla.
Ngemuva kokuthi kumbhedelile u-Akani Simbine ebangeni lika-100m, uWayde van Niekerk ungene ngembobo yenaliti kowamanqamu ka-400m, ebalwa kwababili abashaye izikhathi ezingcono kweyandulela owamanqamu
Ebangeni elifanayo uZakithi Nene, akalibonanga elidlalayo ephuma kweyisithupha. Owamanqamu ka-400m ungoLwesine ngo-9.35 ebusuku.
UMoloi uthe nakuba imphathe kabi indlela agijime ngayo uVan Niekerk kodwa unethemba lokuthi uzoyithola indondo kowamanqamu.
"Kunjalo kwezokusubatha, kuke kube nosuku olunzima. Siyabonga ngoba ukwazile ukungena kowamanqamu, sethemba ukuthi uzoyithola indondo. UWayde ungumsubathi onesipiliyoni," kubeka uMoloi.
Ngesikhathi elakuleli liya kulo mqhudelwano uMoloi uthe ulindele ukuthi bathole izindondo ezintathu kuya phezulu. Liye kule midlalo likwenkulu ingcindezi ngoba ngo-2019, eQatar, nanyakenye ese-USA, alitholanga neyodwa indondo.
Njengoba kubhedile kuSimbine ku-100m, kushintshile ukudla epuletini kuMoloi eveza ukuthi sebelindele ukuthola eyodwa noma ezimbili.
Uthe bayibheke kakhulu kuVan Niekerk, naseqenjini le 4x100m relay elakhiwe nguSimbine, Luxolo Adams, Shaun Maswanganyi, Benjamin Richardson noSenesipho Adams.
UMoloi uveze ukuthi uSimbine umthembisile ukuthi uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bayayithola indondo.
"Uthe uzokwenza konke okusemandleni ukuthi kube khona indondo elakuleli eliyitholayo kwi-4x100m relay. Ngizibonele, seliqalile iqembu ukuzoqeqesha, lenza kahle kakhulu," kubeka uMoloi.
Wengeze ngokuthi kubacacele bha, ukuthi kusamele kuliwe nokuthuthukiswa kwabesifazane kwezokusubatha.
"Simbuleke izinqe, asinalutho eqenjini lamasiniya kwabesifazane. Bakhona ku-Under 18 no-19. Kubi ngempela kuzomele sigcwale izinkalo".
Ohlangothini lwabesifazane kusale endleleni ngisho inyamazane enguZeney van der Walt, obekuthiwe njo kuyo ku-400m.
UMoloi ubalisa ngabesifazane nje, uPrudence Sekgodiso udlulele phambili ebangeni lika-800m elala eyesithathu (1.59.72). Owandulela owamanqamu uqala ngo-8.25 ngoLwesihlanu.