ISIHLABANI se-ParaTable Tennis eNingizimu Afrika, uSthabile Mnyandu sithi simagange ngokugcina silifezekisile iphupho laso leminyaka lokudlala kumaParalympic Games azobanjelwa eFrance ngonyaka ozayo.
UMnyandu (26) ukleliswe endaweni yokuqala kubadlali besifazane be-para table tennis abahamba phambili eNingizimu Afrika ngokwezilinganiso zeSouth African Table Tennis Board.
Lo mdlali odabuka eNdwedwe, ungomunye wabazobe bekhiphana amakhizane kwi-International Table Tennis Federation (ITTF) African Para Championships ezodlalelwa eGiza, e-Egypt ngoSepthemba 20 kuya ku-23. Ikhempu yokuziqeqeshela lo mqhudelwano izoqala ngoSepthemba 13 kuya ku-19.
Le ndumezulu yomqhudelwano wezwekazi i-Afriika we-para table tennis uzosetshenziswa njengenkundla yokuhlunga abadlali abazolimela kumaParalympic Games ka-2024 aseParis, eFrance, ngo-Agasti 28 kuya kuSepthemba 8.
“Yize ngingakwazi ukuziqeqesha phakathi nesonto ngenxa yomsebenzi, kodwa ngiyakwazi ukuthola isikhathi sakho ngezimpelasonto nekilabhu yami iChesterville Table Tennis.
Imiqhudelwano ebikhona muva nje, nayo ingisize kakhulu ukuzilungiselela kuze manje,” kusho uMnyandu.
Lo mdlali owavelelwa ngumshophi wokushiswa ngumlilo eneminyaka eyisithupha, uncoma ukwesekwa ngumndeni wakhe kusukela engena esikoleni sabaphila nokukhubazeka, i-Ethembeni Special School, eThekwini, kuze kube uphothula iziqu zeCriminology and Forensic Studies eNyuvesi yaKwaZulu-Natal njengoba esesebenza enkampanini yabammeli, i-HSG Attorneys Inc, eThekwini.
“Ibaluleke kakhulu kimi i-African Para Championships ezoba se-Egypt, ngoba yiyona ezonginika ithuba lokulwela ukuzibekisela indawo kumaParalympic Games ka-2024, eFrance.
“Kwangiphatha kabi ukungaphumeleli kwami ukuzibekisela indawo kumaParalympic Games ka-2020 nengicabanga ukuthi ngangingakulungele ngokomqondo ngaleso sikhathi,” kusho uSthabile.
Uthe kulokhu ukholwa wukuthi usekhule ngokwanele kulo mdlalo, ngokomqondo nangokomzimba ukubhekana nenselelo yokulwela ukuzibekisela ukuyodlala kumaParalympic Games.
Uqhubeke ngokuthi ukuba kwami ngaphansi kohlelo lwe-Elite Athletes Development Program (EADP) olungaphansi koMnyango wezeMidlalo nokuziqeqesha ePrime Human Perfomance Insitute, kumsize kakhulu ekulungiseleleni imiqhudelwano emikhulu.
Ngaphandle kwe-African Para Championships adlala kuyona okokuqala ngo-2015, eMorocco, uMnyandu useke wadlala nakumaPara Champs eSlovenia naseTaiwan ngo-2017 nango-2019.
Ukholwa wukuthi lo mdlalo we-Table Tennis awukakakutholi ukwesekwa okwanele lapha eNingizimu Afrika uma kuqhathaniswa nakwamanye amazwe omhlaba.
“Yize njengabadlali balo mdlalo sikuthola ukwesekwa ngama-federation neminyango kahulumeni uma senza kahle ekumeleni izindawo esivela kuzo noma izwe, iqiniso wukuthi iseyinde indlela okusafanele ihanjwe ekuthuthukisweni nasekuxhasweni kwawo ezweni lakithi.
“Isikhathi esiningi thina badlali balo mdlalo sizithola sishaya emaphaketheni ethu ukuze sikwazi ukubamba iqhaza kweminye imiqhudelwano,” kuphetha uMnyandu.