KUQAQAMBA inhliziyo kuJeanet Mbhele uma ebona umjaho wangakubo, iHarry Gwala District Marathon unqotshwa ngabasubathi bangaphandle kwalesi sifunda.
Lo mjaho ohlelwa ngokuhlanganyela umasipala wesifunda, owaseBuhlebezwe, uMzimkhulu, uMnyango wezeMidlalo neGenius AC, uzoba ngeSonto.
Ngaphandle komjaho omkhulu webanga lika-42km, kukhona owelika-21km nelika-10km.
Nyakenye kuwo wonke amabanga kunqobe abasubathi bangaphandle kwesifunda iHarry Gwala.
Ku-42km, kwabesilisa, kukhonye u-Ayanda Ngcobo (2:18.08), kwabesimame kwaba uChepkosgei Koech waseKenya (2:58.25). Kwelika-21km kube uJobo Khotoane (1:02.12), kwabesifazane kwanqoba uMolulubete Makatsi (0:12.09).
Kwelika-10km kube uSiyabonga Ndlovu (26:06) noBathabile Mkhize (34:54).
UJenet waseNew City, eMzimkhulu nogijimela iXcel Running Club, uzogijima ku-21km.
Nyakenye uphume isithathu kulona leli banga engena entanjeni ngo-1:14.29.
Selokhu lo mjaho wasungulwa ngo-2014 akakaze angabi bikho kuwona.
Uveze ukuthi kumphatha kabuhlungu ukuthi kuhlale kunqoba abangaphandle.
Ucele iziphathimandla ukuthi zithuthukise ezokugijima endaweni ukuze kuzophela lokhu.
"Ikhono likhona eHarry Gwala. Ubufakazi ngabasubathi abafana nobaba uWillie Mtolo, Bongumusa Mthembu, Thobani Chagwe nabanye.“
“Le mali enqotshwa kwiHarry Gwala District Marathon ingenza omkhulu umehluko emndenini womgijimi wakulesi sifunda," kubeka uMbhele.
Ngesikhathi kwethulwa umjaho walo nyaka imeya yaseMzimkhulu uZamo Nxumalo iveze ukuthi ku-42km, uzoklonyeliswa ngo-R5000 umsubathi waseHarry Gwala nongaphansi kwekilabhu yakulesi sifunda ozofika kuqala esiphethweni.
"Ngicela abagijimi baphume ngobuningi ukuzoba ingxenye yomjaho. Nakuba kulo nyaka kungezuhlungelwa ngawo iComrades kodwa abagijimi bazokwazi ukusebenzisa iHarry Gwala District Marathon ukuzilungiselela yona (iComrades)," kubeka iMeya uNxumalo.
Ilinganiselwa ku-R400 000 imali okuklonyeliswa ngayo abenze kahle. Abazoshaya intambo ku-42km bazohlomula u-R50 000.
Isibili sizothola u-R30 000, isithathu kube u-R15 000. Abazonqoba ku-R21km bazothola u-R10 000 bese kuba u-R5000 ku-10km.
Womathathu lamabanga akhokha kuze kuyoshaya kwabangene kweyeshumi.
Kukhona nomjaho wabahambayo webanga lika-10km.
Ozonqoba uzogoduka no-R2 000. Mayelana nemingenelo, ku-42km kukhokhwa u-R350 bese kuba u-R300 kwabafuna ukungenela elika-21km.
Kukhokhwa u-R250 kwabazogijima elika-10km. Kuzoba u-R100 kuphela kwabazongenela umjaho wabahambayo. Imingenelo ifakwa kwi-website ethi: www.eventtiming.info/entryonline.