LIKHOLWA wukuthi wonke amalungiselelo eWorld Under-20 Rugby Championship ahambe ngendlela iphini lomqeqeshi weqembu lakuleli lamaBhokobhoko elincane, uLumumba Currie, njengoba lo mqhudelwano uzoqala ngoMgqibelo.
Uzobe ukhuza ibuya okokuqala selokhu wagcina ukudlalwa e-Argentina ngo-2019. Okwawufanele ubanjelwe e-Italy ngo-2020, wabhuntsha ngenxa yobhubhane iCovid-19.
Yonke imidlalo izokuba seWestern Cape, e-Athlone Stadium eKapa, eDanie Craven Stadium eStellenbosch, nasePaarl Gymnasium, ePaarl.
Iqembu lakuleli elicijwa nguBafana Nhleko selichithe izinyanga ezimbili lizilolonga eStellenbosch, njengoba lihlose ukunqoba le ndebe okokuqala selokhu layiphakamisa ngo-2012 kudlalelwa kuleli.
Kusukela lapho, i-England isiwunqobe kathathu, iNew Zealand kabili, iFrance iyona engompetha ngemuva kokudla umhlanganiso kwemibili yakamuva, ngo-2018 nango-2019.
“Selokhu iqembu lamenyezelwa ngasekuqaleni kwenyanga futhi abadlali bagqokiswa ngokusemthethweni ngesonto elidlule, siqalile sagxila kakhulu emqhudelwaneni futhi sesijahe kabi ukuthi kufike umdlalo wokuqala,” uCurrie ubeke kanje.
“Kungaba kuhle ukuphinda impumelelo ka-2012. Kwakungokokugcina siwunqoba lo mqhudelwano futhi nendebe ayikaze ifike eNingizimu Afrika kusukela lapho. Sizilungiselele kahle, kanti neqembu lizobe liwulungele umdlalo wangoMgqibelo.”
Ama-Junior Boks aku-Pool C lapho eqhathwe khona ne-Argentina, Georgia ne-Italy. Umdlalo wawo wokuqala wamaqoqo azobhekana neGeorgia eDanie Craven Stadium ngoMgqibelo, ngo-7 ebusuku.
UCurrie uthe bayakwazi okumele bakulindele kwiGeorgia, enabadlali abanamandla ngisho nasemazingeni aphansi.
“Siwabukile ama-video abo futhi bangene kulo mqhudelwano kufanele. Banabaqeqeshi abaseqophelweni eliphezulu nabadlali abanamandla phambili, njengoba kulindelekile kunoma yiliphi iqembu laseGeorgia.
“Kuyabasiza ukudlala e-Europe lapho beqhudelana khona namazwe adlala izitayela ezingafani. Siyazi ukuthi kumele sizimisele kakhulu uma sifuna ukuwuqala kahle umqhudelwano.”
Iningi labadlali abaseqenjini elikhulu lamaBhokobhoko, okuhlanganisa ukaputeni uSiya Kolisi nephini lakhe uHandre Pollard, badlula kulona leli qembu elincane lesizwe.