UMQEQESHI weqembu lesizwe lombhoxo le-Sevens, uSandile Ngcobo, ugxeke abadlali bakhe ngemuva kokushaya udaka kwiLos Angeles Sevens ngempelasonto.
Iqembu lakuleli linqobe umdlalo owodwa kwemihlanu eliyidlale e-United States of America.
Lishaye iCanada ngo 12-0 emdlalweni wokuqala wamaqoqo ngaphambi kokuthi lidliwe yi-Uruguay ngo 10-5 ne-Ireland ngo 14-5.
Yize amaBlitzbokke ehlulwe kabili esigabeni samaqoqo kodwa akwazile ukudlulela kweyomkhumulajezi nokuyilapho izinto zibhimbe khona kakhulu ekhishwa yiFiji ngo 28-7 kuma-quarter-final.
Lokhu kulandelwe enye induku, ehlulwa iSamoa ngo 45-5 emdlalweni owandulela owamanqamu wokulwela indawo yesihlanu.
“Kube buhlungu kimina ukubukela imidlalo njengoba abadlali bebengazimisele. Kubuhlungu ngoba ibheji esilidlalelayo, abalandeli bethu nezwe lethu abakufanele lokho,” kusho uNgcobo.
“Kubonakala sengathi abadlali bazithele ngabandayo belindele ukuthi izinto zivele zizenzekele esikhundleni sokulwa.
“Indlela iqembu elidlale ngayo ikhombisa ukungalihloniphi ibheji kanye nezwe lethu futhi kuzodingeka sizinuke amakhwapha. Kufanele ngizibuze ukuthi kungani sidlale kabi kangaka nokuthi singakulungisa kanjani lokho.
“Yebo, singenile kowamanqamu emqhudelwaneni odlule eSydney kodwa bekufanele siqale phansi, sangakwenza lokho.”
AmaBlitzbokke aphinde anenga umqeqeshi esebhaxatshulwa yiSamoa ngo 45-5 kowandulela owamanqamu sekulwelwa ukuqeda endaweni yesihlanu. Ukubhacaza kwawo kulo mdlalo kuholele ekutheni agcine eqede endaweni yesikhombisa.
“Kulo mdlalo wokugcina neSamoa bebesinika ibhola kodwa siphinde sililahle. Nalokho bekusakhombisa ukungazimiseli nokungahloniphi,” uNgcobo uqhube kanje.
“Ngokwami kulo mdlalo kumele usebenzise umqondo ngaphezu komzimba kodwa imiqondo yethu ibihlakazekile. Kufanele sihlangane kabusha senze okungcono eVancouver kule mpelasonto (ezayo).”
INew Zealand idle isicoco saseLos Angelese futhi isasesicongweni kwi-log yeWorld Sevens Series ngamaphuzu angu-107. I-Argentina neNingizimu Afrika balandela ngamaphuzu angu-86 iqembu ngalinye, iFiji isendaweni yesine ngamaphuzu angu-84 kanti iSamoa ikweyesihlanu ngamaphuzu angu-81.
Amaqembu amane azoqeda phezulu ekupheleni kwesizini yiwona azozibekisela kuqala izindawo kuma-Olympic azoba seParis, eFrance, ngonyaka ozayo.