UVUMA eyokuphathwa ikhanda ngenxa yabadlali umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, kulandela ingcwenga yombhoxo odlalwe abangalijwayele ijezi ngesikhathi leli qembu linqoba ngo 24-13 kwi-Argentina kowokuzizwa amandla ngoMgqibelo, eBuenos Aires.
Ama-try aMakazole Mapimpi noCanan Moodie abawashaye elandelana eduze, iwona aweze AmaBhokobhoko kanti uManie Libbok, ubesemdlalweni ngamaphenathi.
Kulo mdlalo obekubukeka sengathi athwele kanzima amaBhokobhoko, aye ekhefini elandela ngo 10-3 kodwa avuke umbhejazane esiwombeni sesibili.
Besihluke ngabadlali abangu-13 isikimu AmaBhokobhoko aqale ngaso lo mdlalo uma siqhathaniswa nesiqale umdlalo (wala maqembu esizwe) onqotshwe iNingizimu Afrika ngephuzu elilodwa ngeledlule.
Okuqapheleke kowangempelasonto ukuthi baningi abadlali abangalijwayele ijezi abakhumbuze uNienaber ngekhono labo. Cishe wonke umdlali onikwe ijezi eBuenos Aires ube nomdlalo omuhle.
Uvumile esithangamini nabezindaba uNienaber ukuthi yena nethimba lakhe abakazi ukuthi ubani okufanele bamthathe kanjalo nokufanele bamshiye uma sebememezela isikwati sabangu-33 okuyibona abazoya kovikela ngabo isicoco somhlaba eFrance ngoSepthemba.
“Kuzoba nzima ngempela ethimbeni labaqeqeshi kuleli sonto elizoqala ngoba sesifikile isikhathi sokuqoka abadlali esizoya ngabo koweNdebe yoMhlaba eFrance,” kusho uNienaber.
“Akekho ongabonanga ukuthi bonke abadlali abebesenkundleni basiphakamisile isandla ukuthi sibabone. Ubunzima bulapho-ke uma sekufanele kubekhona abazophoxeka,” kusho yena sakubalisa.
Lo mqeqeshi uzishaya isifuba ngokunqoba e-Argentina. Uthe lokhu kukhombisa ukuthi iqembu lakhe selikulungele ukubhekana nobunzima bemidlalo yeNdebe yoMhlaba.
“Ubunzima ebesibhekene nabo kwi-Argentina bebubukhulu kodwa abadlali bakumela lokho. Akulula ukunqoba enkundleni esinqobe kuyona.
“I-Australia neNew Zealand bafike bathola isibhaxu kule nkundla nyakenye ngakho-ke le wini isho lukhulu kithina nanokuthi sikuphi njengeqembu njengoba ususeduze umqhudelwano,” kuphetha uNienaber.
Kulindeleke ukuthi uNienaber alimemezele kusasa iqembu labadlali abangu-33 azoya nalo eNdebeni yoMhlaba eqala ngoSepthemba 8, eFrance.