NAKUBA uJennet Mbhele ezobe eqala ukugijima iSanlam Cape Town Marathon kodwa uthi ngeke avume ukudlala amanye amantombazane, uzolwa ngakho konke anakho ukuze enze isikhathi esihle.
Lo mjaho ongaphansi kwEGold Label, ungeSonto. Kuzoba ngokuka-15 ugijinywa
UMbhele ogijimela iXcell Running Club kuzobe kuyi-marathon yakhe yesithathu. Ubaziwa kakhulu ekugijimeni amabanga amafushane anjengo-10km no-21km.
Ekuqaleni kwalo nyaka ushaye intambo kwiBest of the Best Marathon ngesikhathi esiwu-2:40.59.
Komunye awugijimile ube owokuqala kwabakuleli ukufika esiphethweni seDurban International Marathon. Wenze isikhathi esiwu-2:43.07.
UMbhele odabuka eMzimkhulu, utshele Isolezwe ukuthi ushaywa uvalo kuphinde kumjabulise ukuthi ikilabhu yakhe iXcell imnike igunya lokuyogijima iCape Town Marathon.
"Ngizothola ukuvivinywa okwangempela kwiCape Town Marathon. Wumjaho wezinga lo mhlaba. Ungenelwa abasubathi bezinga eliphezulu. Umqeqeshi wami uKhuboni (Thamsanqa) neXcell bangiyise kulo mjaho ngoba bengethemba. Kumele ngiqaphele ngoba umzila angiwazi. Nakuba kunjalo ngeke ngizithele ngabandayo. Ngeke ngivume ukudlala amanye amantombazane. Ngingajabula uma ngingenza isikhathi esingaphansi kuka-2:40 noma ngiphinde lesi engasenza kwiBest of the Best Marathon," kubeka uMbhele.
Uveze ukuthi nakuba ehlale isikhathi eside ngenxa yokulimala edolweni kodwa amalungiselelo aseCape Town ahambe kahle. Kuwo lo nyaka uMbhele uphinde wenza kahle kwiPDAC 25km elala isibili. Uqophe isikhathi esiwu-1:36.00. Intambo yashaywa uzakwabo kwiXcell, uZinhle Shabalala ngesiwu-1:35.57.
Nyakenye iCape Town Marathon, kwabesifazane intambo ishaywe uLydia Simiyu waseKenya (2:25.44). Kwabesilisa kunqobe uStephen Mokoka (2:10.01). Ubeyinqoba okwesibili. Nango-2018 wayinqoba ngesiwu-2:08.31.
Ukhuluma kanje uJennet, vele igama lakhe libalwa kwabangase badle umhlanganiso. Ezinye izintokazi ezithishwayo uStella Marais onqobe iPeninsula Marathon ekuqaleni konyaka. Omunye uMereset Dinke wase-Ethiopia owenze isikhathi esiwu-2:25.12 kwiValencia Marathon nyakenye.
Kulo nyaka unqobe neGeneva Marathon. Kwabesilisa uMokoka ushaya ibuya. NoGebru Redahgne owalala isibili nyakenye kuthiwa naye uyabuya.