UQWEQWE lomqeqeshi wezokusubatha, uMichael "Sponge" Seme, lutuse amagalelo enyamazane ewuStephen Mokoka, iqembu labesilisa lakuleli libuya nendondo yethusi kumaWorld Athletics Road Running Championships abengempelasonto, eLatvia.
Iqembu lika-21km belakhiwe wuThabang Mosiako olale kweyesithupha ngesikhathi esiwu-59:52, Mokoka oqede kweyesi-11 (1:00.29), Elroy Gelant ophume kweyesi-13 (1:00.56) noPrecious Mashele oqede kweyesi-19 (1:01.13).
Sezihlanganisiwe lezi zikhathi zakhe u-3:01.17, balala endaweni yesithathu. Indondo yegolide ikhale yamuka neKenya (2:57.43) kwathi eyesiliva yanqotshwa yi-Ethiopia (2:59.54).
Intambo ishaywe nguSabastian Sawe waseKenya (59:10). Abakhaya bakhe, uDaniel Ebenyo waphuma isibili (59:14) noSamwel Mailu walala kweyesithathu (59:19).
Neqembu lakuleli labesifazane lizamile njengoba liqede kweyesine (3:29.26). Kukhonye abasubathi baseKenya nakhona. Intambo ishaywe nguPeres Jepchirchir (1:07.25). Isibili sithathwe wuMargaret Kipkemboi (1:07.26), isithathu sadliwa nguCatherine Amanang'ole (1:07.34).
Lokhu kuholele ekutheni leli lizwe linqobe indodo yegolide (3: 22.25). Eyesiliva idliwe i-Ethiopia (3:27.55), eyethusi yahamba neGreat Britain neNorthern Ireland abenze isikhathi esiwu-3:29.26.
Ezintokazini zakuleli, efike kuqala entanjeni nguCacisile Sosibo olale kweyeshumi.
USeme ulincome iqembu lasekhaya ngelikwenze eLatvia.
Uthe lokhu kunika ithemba ngezinga labagijimi bakuleli bamabanga amade.
Uncome uMokoka ngobuholi abutshengisile.
"Ngaphambi kokulifulathela izwe , uMokoka ube nenguyazana neqembu lakhe, ngenhloso yokufakana umfutho. Ngizwile ukuthi naseLatvia ubelokhu elihole njalo iqembu lakhe.
Ngisebenze isikhathi eside noMokoka. Uwumholi wokuzalwa. Uphinde asizwe wukuthi akalona igwala. Enjalo nje uziqeqesha kanzima. Siyabadinga abantu abafana naye. Ngiyababongela. Le ndondo yethusi isho lukhulu," kubeka uSeme.
Ulincomile neqembu labesifazane.
"Laphaya eLatvia bekuhlangene abasubathi bezinga lomhlaba. Lokhu kusho ukuthi bekungeke kube lula. Ukulala indawo yesine yinto enkulu kabi.“
Uthe ubona uCacisile esazokwenza izinto ezinkulu kwezokugijima.
"Uyosho ukuthi ngakutshela. Le ngane isazoba yinkinga. Bheka nje emjahweni wokuqala ezingeni lomhlaba, ikwaze ukuphuma kweyeshumi.
NakuCaster (Semenya) nakuye uMokoka ngasho ukuthi bazoqhakaza. Uma engashintshanga uCacisile, ngelinye ilanga uzosinqobela indondo yegolide kuma-Olympic Games," kuqhuba uSeme owayeqeqesha uSemenya ngesikhathi enqoba indondo yakhe yokuqala yegolide kuma-World Championship ngo-2009, eBerlin, eGermany.