KUTHI akandize yinjabulo umgijimi weXcel Running Club, uSibonelo Khumalo, ngokuhlabana ngomfundaze e-United States of America (USA).
Lo msubathi wasesigodini seseMahlabathini, eHlathikhulu, eMtshezi, uthumelele leli phephandaba ubufakazi bokuthi uthole umfundaze eColby Community College, eKansas engaphansi kweNational Junior College Athletic Association (NJAA), khona kwelikamengameli uJoe Biden.
Uveze ukuthi umfundaze ungoweminyaka emibili.
Ngaphandle kokugijima, uthe kulesi sikhungo ukhethe ukwenza izifundo zeCriminal Justice.
Lo msubathi ogijima ibanga lika-5000m nelika-1500m, uthe wazi ngo-2021 ukuthi angase athole lo mfundaze.
"Owayengumqeqeshi wami uSandile Mthembu weHarambe AC engangigijima kuyo ngaphambi kokuya kwiXcel, wathi kukhona isikole saseMelika esimtshele ukuthi siyayithanda indlela engigijima ngayo.
“Waqhuba wathi kuzomele ngibhukule ngoba amehlo abaqeqeshi baso athe njo kumina. Angibanga ngisabheka emuva, ngilinyuse kakhulu izinga kunakuqala. Ezinyangeni ezedlule ngithe uma ngiqeda ukulala indawo yesi-12 ebangeni lika-5000m kumaSA Track & Field Championship abeseCape Town, ngathola i-email yalesi sikole.
“Sengikwenze konke okudingekayo. Ngibonga kakhulu kwiXcel Running Club, ingisize kakhulu ikhokhela izinto ezifana ne-visa nokunye okuningi. Naso lesi sikole sesingithengelile ithikithi. Elakuleli ngizolifulathela ngo-Agasti 8. Okuhle ukuthi eMelika, iColby Community College izonginakekela ngakho konke kuhlanganisa nendawo yokuhlala, ukudla nokunye,” kusho uKhumalo.
Uthe okuhle kakhulu ngalo mfundaze wukufezeka kwephupho lokuqhuba imfundo yakhe.
“Ngaphandle kokufezeka kwephupho lami lokufundela iCriminal Justice, ngizophinde ngithole uqeqesho lwezokugijima lwezinga eliphezulu. Ngibona lizofezeka nephupho lami lokumela izwe lami emiqhudelwaneni efana nama-Olympic.”
UKhumalo useyimele kaningi iKwaZulu-Natal emiqhudelwaneni kazwelonke.
UMandla Mngomezulu weXcel ongomunye wezikhulu zeXcel, uthe akangabazi ukuthi uKhumalo uzolibeka ezingeni eliphezulu igama leNingizimu Afrika, eMelika.
"Uma usebenza ngokuzimisela kuba nje. Siyi-Xcel siyambongela futhi simfisela inhlanhla uKhumalo e-USA. Okuhle ukuthi laphaya uzothola uqeqesho lwezinga eliphezulu oluzosiza nelakuleli," kubeka uMngomezulu.