EYOKULIMALA kwe-hooker yamaBhokobhoko, uMalcom Marx, isibekele ngethunzi elimnyama ukubaluleka kokucoboshisa iRomania azobhekana nayo emdlalweni wesibili wePool B kwiRugby World Cup, eFrance.
Umdlalo useStade Matmut-Antlantique, eBordeaux, eFrance ngeSonto ngo-3 ntambama.
Lona ngomunye wemidlalo ezokhonjiswa bukhoma kwiSABC2.
Ngaphandle kokuthamunda eyezinguquko ezenziwe ngumqeqeshi, uJacques Nienaber, ngabadlali azogasela ngabo kulo mdlalo kusuka koweScotland abawunqobe ngo 18-3, akukuningi okugcine kukhulunywa ngawo.
Kunalokho indaba egcina isematheni ngeyodume amaBhokobhoko agqemeke lona kulimala uMarx, ongomunye wabadlali abebekhona benqoba isicoco eJapan ngo-2019.
UMarx ngeke esadlala kulo mqhudelwano emuva kokuthinteka edolweni bezilolonga kanti ubengekho esikwatini esizodlala neRomania.
Ukulimala kukaMarx kushiya uBongi Mbonambi, ozohola isikwati koweRomania, kunguye yedwa unombolo-2, ngokwemvelo.
Lokhu bekukhomba ukuthi uNienaber nethimba lakhe labaqeqeshi babize enye i-hooker kwazise bavele bashiye ohlwini lwabalindile, uJoseph Dweba weStormers.
Nokho kuthusile ukuzwa ithimba likaNienaber lincika esinqumeni sokungambizi uDweba kodwa lihlongoze ukuvala le ndawo ngoDeon Fourie noMarco van Staden.
Eqinisweni uNienaber uze wacashunwa ephawula ethi uVan Staden usewacoshile amava kwazise ubelokhu ezilolonga kule ndawo.
Kwabalindiswe ohlwini lwabasalile, uDweba ubalwa noLukhanyo Am othinteke edolweni bengcweka e-Argentina, Handre Pollard noLood de Jagger obenokugula.
Yize libe likhulu ihlombe ngomdlalo kaManie Libbok kwi-flyhalf koweScotland, ngokunjalo nasemidlalweni eyedlule yokungcweka kodwa kunokukhuluma okuthi isikhala sikaMarx esikwatini sivalwe ngoPollard.
Ukugcina le ndawo icebile, uNienaber emdlalweni wakusasa uzoqalisa uDamian Willemse kuyo.