ULINDELE ukuthi umdlali osanda kubizelwa eqenjini lesizwe lombhoxo, u-Elton Jantjies, aqhubeke lapho agcina khona umqeqeshi uJacques Nienaber.
Ukwanda kwesibalo sabalimele abadlala kwi-flyhalf kumaBhokobhoko, yikhona okumvulele umnyango uJantjies ngoba wayengafakwanga ohlwini lokuqala lawangoJuni 10, olwakhishwa nguNienaber.
Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala, owagcina ukudlalela elesizwe libhekene ne-Australia ngo-Agasti nyakenye, ubizwe ngenxa yokuthi uHandre Pollard, noDamian Willemse abakalulami ngokuphelele.
Lokhu kuchaza ukuthi nguMannie Libbok, kuphela odlala kwi-flyhalf kanti uNienaber ubekwazi ukumbophela eqenjini ngoba lizicijela iRugby Championship, ezoqala ngenyanga ezayo.
“UDamian ulimele edolweni futhi kungenzeka angakulungeli ukudlala umdlalo wokuqala. UHandre yena sinesiqiniseko sokuthi uzobe engakalulami,” uNienaber ubeke kanje.
“Lokho kusho ukuthi sisele noMannie kuphela kodwa ngeke siqale umqhudelwano omngaka singenaye omunye umdlali ongavala isikhala sakhe. Sibheke bonke abadlali esingabakhetha, abazinze kuleli naphesheya, sathola ukuthi u-Elton uyena osondele kakhulu kulokhu esikudingayo.
“Uyazazi zonke izinhlelo zethu ngakho kuzoba lula ukuthi angene khaxa. Sizoqala umqhudelwano ne-Australia emasontweni amathathu, uma uDamian engakabi sesimeni esifanele, u-Elton uzobe ekulungele ukudlala.”
UJantjies wadlala kumaBhokobhoko okokuqala ebhekene ne-Australia ePitoli ngo-2012. Usedlale imidlalo engu-46 eqenjini lesizwe futhi wayeyingxenye yeqembu elanqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2019.
NgoMeyi nyakenye wathweswa icala lokucekela phansi impahla ngemuva kwesigameko esenzeka ebhanoyini ephuma phesheya kodwa lahoxiswa.
NgoSepthemba wabuyiselwa eNingizimu Afrika, iqembu lisesephesheya ngenxa yezinsolo zokuthi uthandana nowesifazane owayesebenza kumaBhokobhoko, ekubeni eshadile.
Ngemuva kwesigameko wajoyina iqembu laseFrance, elidlala esigabeni sesibili i-Agen, nokuyilapho amaBhokobhoko amthathe khona.
EzikaNienaber zizovula iRugby Championship ne-Australia ekhaya ngoJulayi 8, zibhekane neNew Zealand ekuhambeni ngoJulayi 15, bese zivala ne-Argentina ekhaya ngoJulayi 29.