UMQONDISI womjaho iHollywoodbets Durban Summer 10km, uMdu Khumalo, uthi ngeSonto ulindele izikhathi ezisheshayo kubagijimi abangenele umjaho.
Umjaho ugabisa ngesizumbulu sikaR193 500 kanti uzoqala ngo-6 ekuseni ngeSonto sukela kuMasabalala Yengwa Avenue usongwe eKings Park Athletics Stadium, eThekwini.
Abagijimi abazoshaya intambo kuqala bazokhala bemuke nesamba esiwuR30 000, kubo bobubili ubulili. Kanti nyakenye kwakunguR15 000 kubagjimi abadle ubhedu.
Ukuba yithafa komzila womjaho iDurban Summer 10km, kwenza umgqugquzeli nomqondisi wawo athembe ukuthi abasubathi bazokwenza izikhathi ezingcono kakhulu.
“Ngicabanga ukuthi sizobona izikhathi ezisheshayo kulo mjaho wanonyaka. Umzila uqondile, awunawo amajika lokho okuvumela abagijimi ukuthi bakwazi ukugijima kahle bakhiphe amajubane abo ngokuphelele.
“Kwabesilisa ngibona kuzoshayeka isikhathi esiyimizuzu ewu-28. Isikhathi esiyimizuzu ewu-28 sijwayelekile kuleli laseNingizimu Afrika kuleli banga lika-10km, ngakho kuzobe kungeyona into entsha. Okuhle wukuthi iningi labagijimi abazobe begijima lo mjaho sebeke basishaya lesi sikhathi phambilini. Futhi, uma nesimo sezulu singaba sihle akukho okungabavimba ekushayeni izikhathi ezinhle,” kuchaza uKhumalo.
UKhumalo, ongumqeqeshi wabagijimi ukuqinisekisile ukuthi ezinye izinkalimeva zabasubathi zizobe zigijima. Phakathi kwazo kubalwa uPrecious Mashele, uMelikhaya Frans, uThabang Mosiako, uLebohang Phalu, noGlenrose Xaba.
Uncome isasasa elikhonjiswe ngabagijimi ngalo mjaho oqale ukwenziwa ngoNovemba nyakenye.
Kushaye isikhathi sokushicilela sekubhalise abasubathi abangaphezulu kuka-2 500 kanti bekulindelwe abangu-2000. Nyakenye kwamukelwa abangu-800 kuphela ngoba kwakusabhoke iCovid-19
“Sihlabeke umxhwele ngendlela abagijimi abakhombise ngayo isasasa ngalo mjaho. Lona ngomunye wemijaho emisha kodwa ukhombisa ukukhula ngesikhulu isivinini futhi ungenelwa ngabagijimi abaningi abaseqophelweni eliphezulu ezweni.”