IQEMBU eliboshelwe ngumqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, elizobhekana neWales kowokuqala kwemibili yokugcina yokungcweka ngaphambi kokuqala kweRugby World Cup, liveze ukuminca ngokululama kukaLukhanyo Am noHandre Pollard.
AmaBhokobhoko azoholwa nguSiya Kolisi, okokuqala kulo nyaka uma esengcweka neWales ePrincipality Stadium, eCardiff, namuhla (ngoMgqibelo) ngo-4.15 ntambama.
Kulindelwe ukuthi kuphinde kube nguye uKolisi owaholayo (amaBhokobhoko) kowokugcina wokungcweka lapho ezobhekana khona neNew Zealand eTwickenham, eNgilande ngoLwesihlanu oluzayo.
Indaba isesikwatini sikaNienaber esizobhekana neWales. Kuyiqiniso ukuthi okubhekwe kakhulu ngamandla kaKolisi ukuthi ngabe ubuya nawo yini futhi, ngabe ayasebenza ekuhlanganiseni iqembu.
Ekujuleni kwamalungiselo eNdebe yoMhlaba kodwa kuvela isikhala sikaLukhanyo Am nesikaHandre Pollard. Futhi cishe nesikaLood de Jager, bonke abasale ohlwini lwabangalijoyina ngendlela iqembu elizodlala eNdebeni yoMhlaba.
U-Am ubekelwe amasonto amane ukululama edolweni athinteke kulo emdlalweni owedlule wokungcweka ne-Argentina, emasontweni amabili edlule.
UPollard, usenezinyanga naye ezama ukululama kodwa usezandleni zongoti, okufanayo noDe Jager osemseni wezingcweti kodwa yena ngenxa yokugula kwesifuba.
Eqenjini likaNienaber nguManie Libbok kuphela umdlali oyibamba kunombolo-10 kanti umlekeleli wakhe nguDamian de Allende, yena omelwe wukuqala kunombolo-12.
Bobabili laba badlali bayaqala koweWales, bese umbuzo uba sekutheni ngobani abasezingeni labo abazobalekelela besuka ebhentshini.
Yilapho kuluma khona ikhanda ngokululama kuka-Am, oyibamba kunombolo-13 noPollard odlala unombolo-10. Namuhla kunombolo-13 kuzoqala uJessie Kriel, ebhentshini kukhona uDamian Willemse noMarco van Staden.
Omunye umdlali okubukeka ezodlala indawo engukhiye, nguGrant Williams, osebhentshini namuhla. Engekho uKolisi, amaBhokobhoko aholwe nguDuane Vermeulen, Eben Etzebeth noBongi Mbonambi.
Okuseqhulwini kodwa kusamile ekutheni emdlalweni wanamuhla kubhekwe amandla azobuya noKolisi esikwatini. AmaBhokobhoko avula iNdebe yoMhlaba neScotland ngoSepthemba 10.
Eqoqweni amaBhokobhoko neScotland, baboshelwe neRomania, Tonga ne-Ireland esihlale eqhulwini lokukleliswa kweWorld Rugby, isikhathi esingaphezulu kweminyaka emibili.