KUSALINDELWE lukhulu ngekusasa likaCaster Semenya emuva kokuthi sivune yena isinqumo esikhishwe yiNkantolo yamaLungelo Abantu yase-Europe ngoLwesibili.
Ngokwesinqumo esikhishwe yiNkantolo yamaLungelo Abantu yase-Europe, uhulumeni waseSwitzerland wahluleka ukuvikela uSemenya ekubandlululweni ngesikhathi ivuna isinqumo seCas.
Le Nkantolo iphinde yanquma ukuthi lo msubathi akanikwanga isikhathi esanele sokuthi aphikisane nesinqumo seWorld Athletics futhi aveze olwakhe uhlangothi ngaphambi kokumiswa ekugijimeni.
NgoMashi kulo nyaka iWorld Athletics iyiqinise kakhulu imithetho yayo ngesikhathi inquma ukuthi abasubathi besifazane kumele behlise izinga le-testosterone libe ngaphansi kuka-2.5nml/L ngaphambi kokuthi bavunyelwe ukungenela imijaho eyenganyelwe yile nhlangano.
Le mithetho ayisagcini ngokusebenza emabangeni akhethekile kuphela kodwa kuyo yonke imiqhudelwano engaphansi kweWorld Athletics.
Ngo-2021 uSemenya wafaka isicelo kule nkantolo ngemuva kokuchithwa yinkantolo yezemidlalo, iCourt of Arbitration for Sports (Cas) kanye neNkantolo eNkulu yaseSwitzerland ngesikhathi ephikisana nemithetho yenhlangano engamele ezokusubatha emhlabeni, iWorld Athletics.
Le nhlangano yamemezela imithetho emisha ngo-2019 evimba abasubathi besifazane abanamazinga aphezulu e-testosterone ukuthi bangagijimi emijahweni yamabanga aphakathi kuka-400m no-1600m uma bengayithathanga imishanguzo yokuyehlisa ibe ngaphansi kuka-5nml/L.
Lokhu kwaholela ekutheni uSemenya, owanqoba igolide kabili emjahweni ka-800m kuma-Olympic, eLondon ngo-2012 nase-Rio ngo-2016, angakwazi ukuvikela isicoco sakhe kuma-Olympic ayeseTokyo ngo-2021.
USemenya unalo igunya lokuqala phansi ayolwa nale mithetho yeWorld Athletics kodwa ngokwesitatimende esikhishwe yile nhlangano, isinqumo senkantolo yase-Europe asishintshi lutho.
Abebemele uSemenya kuleli cala, uSchona Jolly noClaire McCann, abebeqashwe yinkampani yabameli yakuleli iNorton Rose Fulbright bathe:
“Sijabule kakhulu. UCaster akakaze aliphonse ithawula empini yakhe yokulwela ukuvunyelwa ukugijima ngaphandle kokuthikanyezwa.
“Isinqumo sanamuhla sifakazela isibindi sakhe. Ukunqoba okubalulekile kuyena nabanye abagijimi abaphezulu emhlabeni jikelele."