IQEMBU lesizwe lombhoxo le-Sevens kuzofanele lithathe umzila omude obheke kuma-Olympic ka-2024, njengoba lehlulekile ukungena ngokuba ngelinye lamaqembu aphezulu kwiWorld Rugby Sevens Series.
AmaBlitzbokke aqede endaweni yesishiyagalolunye emqhudelwaneni wokugcina walolu chungechunge obuseLondon, ngempelasonto, alala endaweni yesikhombisa kwi-log ekupheleni kwesizini ka-2022/23.
Amaqembu amahlanu aqede phezulu azibekisele indawo kuma-Olympic ezodlalelwa eParis, eFrance, ngonyaka ozayo, iNew Zealand, edle isicoco ngamaphuzu angu-200, Argentina (179), Fiji (156), France (151) ne-Australia (133).
Lokhu kusho ukuthi amaBlitzbokke acijwa nguSandile Ngcobo, kuzomele anqobe umqhudelwano we-Africa Men’s Sevens ka-2023 ozodlalelwa eHarare, eZimbabwe, ngoSepthemba, ukuze athole ithikithi lokuya eParis.
Leli qembu liye emqhudelwaneni wokugcina weSevens Series eLondon lidinga okungenani ukufinyelela kowamanqamu bese limincela ukuthi i-Australia isheshe iphume.
Nokho izinto zonakale esigabeni samaqoqo lapho lishaywe khona yiNew Zealand ne-England, ladlala ngokulingana ne-United States of America, labe selihluleka ukudlulela kuma-quarterfinal.
Likwazile ukuhlula iJapan ne-United States ngesikhathi sekulwelwa izindawo ngeSonto kodwa ngokusho kukaNgcobo, umqhudelwano waseLondon awuhambanga ngokohlelo.
“Asineme neze, ngoba akuyona indlela ebesifuna ukuqeda ngayo isizini le,” kusho uNgcobo.
"Siphoxeke kakhulu kodwa futhi ukwenza kwethu yikhona okuzocacisa ukuthi siqhubekela kanjani phambili. Kuzocaca ukuthi sizimisele yini ukulungisa izinto, sidlale njengabadlali bamaBlitzbokke.”
Izindaba ezimnandi ezitholwe amaBlitzbokke ukuthi uRicardo Duarttee umenyezelwe njengeRookie Of The Year, kumaWorld Rugby Sevens Series Awards ngeSonto ebusuku.
UDuarttee (25) udlale okokuqala eDubai elakuleli lidla umhlanganiso ngoDisemba, nyakenye. Udlale imidlalo engu-52 kule sizini, washaya ama-try angu-15, ama-conversion angu-67 nephenathi eyodwa.
Uqede isizini yakhe yokuqala enamaphuzu angu-212, wahlula uTheo Forner waseFrance noJoaquin Pellandini wase-Argentina, abebeqokwe emunxeni ofanayo.