KUFUFUSA omunye umdonsiswano phakathi kweSouth African Broadcasting Corporation (SABC) neMultiChoice ngelungelo lokusakaza imidlalo yeCricket World Cup, e-India.
Lo mqhudelwano, okukhona kuwo namaProteas, ususemome kwazise uqala ngo-Okthoba 5 kuya kuNovemba 19.
Emuva kokukhipha isitatimende ngoLwesithathu lapho iSABC ibiqinisekisa ukuthi isisifakile isicelo sokuthola ilungelo lokusakaza lo mqhudelwano, bekulindeleke ukuthi kuzophela isonto sekucacile ngempendulo yeMultiChoice kodwa lutho.
“ISouth African Broadcasting Corporation isisifakile isicelo kwiMultiChoice (DSTV) ngegunya lokunkashela ilayisense yokusakaza iCricket World Cup 2023. Sesilinde impendulo yabo,” kusho isitatimende iSABC esinameke nakwi-X.
Isinqumo seSABC sokubikela umphakathi ngokufaka kwayo isicelo kwiMultiChoice, sinika isithombe sokuthi iqonde ukuvukuza umphakathi ube ngakuyo.
Kuzokhumbuleka ukuthi kungekudala kusuke uthuthuva lezi zinhlangano zincikiselana ngelungelo lokusakaza, i-2023 Rugby World Cup, eqhubekayo eFrance.
AmaBhokobhoko ayolwela ukuvikela isicoco somhlaba kodwa isivumelwano phakathi kwala maqembu sigcine siphume ngosuku olwandulela olokuqala komqhudelwano.
ISABC isole iMultiChoice ngobugovu kwazise ibifuna ukukhokhelwa u-R38 million ukuze idedele ilungelo lokusakazela umphakathi bhusende.
Nakuba kuyakhulunywa, kuze kwangenelela umnyango weZemidlalo oholwa nguZizi Kodwa, naye ogcine ethembise ukuthola isisombululo esisemthethweni sale nzukazikeyi.
UKodwa uthembise ukuxhumana noNgqongqoshe weZokuxhumana nobuChwepheshe besimanje nezikhulu eziphezulu kwiSABC ukuba bathole isisombululo esisemthethweni neMultiChoice.
ICricket World Cup idlalwa ngokukleliswa kwilog bese kuthi amaqembu amane okuphela imidlalo ephezulu, adlulele kumasemi final.
AmaProteas avula lo mqhudelwano neSri Lanka ngo-Okthoba 5.