BEKUGCINWA icala ngesikhathi iSouth African Broadcasting Association (SABC), yamukela imibandela eyinikwe yiMultiChoice ngokusakazwa kwemidlalo ye-2023 Rugby World Cup.
Lo mqhudelwano uqale izolo (ngoLwesihlanu) kusihlwa eFrance ngomdlalo wosokhaya nezinkunzi, iNew Zealand.
Isivumelwano esiphasile phakathi kweSABC neMultiChoice, okuyinkampani eyengamele ukusakazwa kwezemidlalo egameni lokwenza inzuzo okuyiSuperSport, wukuthi abasakazela umphakathi bakhombise imidlalo ebaliwe.
Kuleyo midlalo kubalwa imicimbi, owokuvula nowokuvala ngokunjalo nemidlalo yamaBhokobhoko yamaqoqo.
Eqinisweni, yonke imidlalo yamaBhokobhoko yamaqoqo, imicimbi yokuvula, emibili yama-quarterfinal, nowodwa wamasemi final egameni lokuthi uzodlalwa ngamaBhokobhoko.
Kuphinde kube nomunye wokubanga indawo yesithathu neyesine (owokubanga indondo yethusi).
Lokhu okungenhla kuvezwe yisikhulu esiphezulu kwiSABC, u-Ian Plaatjies, engxoxweni ebanzi kwiSAFM ngoLwesine ebuku.
Yilapho uPlaatjies naye aveze khona ukungenami kwakhe ngemibandela abanqunyelwe ngayo ogodweni yiMultiChoice.
“Iqiniso wukuthi yonke lento ingenxa yemali (ekhala ngokubeka imali phambili kweMultiChoice),” esho elimisa ngesihloko elokubuswa ngubungxiwa nkulu kwezemidlalo yiMultiChoice neSuperSport.
“Kubo imali ihamba phambili kangangoba esikhathini esiphambili, sebeke basivimbela ngisho ekutheni sithole imidlalo nje enganamdlandla ongengakanani.”
Ephendula okukhathaza kakhulu abalandeli bezemidlalo baseNingizimu Afrika, uPlaatjies, okungukuthi lo mdonsiswano usazolokhu uqhubeke njalo ngamaqembu esizwe ikakhulu amaBhokobhoko namaProteas kwikhilikithi, uthe:
“Sisazoqhubeka sizame ngayo yonke indlela ukuxoxisana nabo ukuthi ngomuso sibe nohlelo oluhlukile noluzovuna umbukeli.”
Iqiniso wukuthi yize kugcine kuvunyelwene ngokuthile kodwa kufana nokuthi buchitheke bugayiwe ngoba iSABC ngenyanga edlule ibithembise ukubukisa imidlalo ebalelwa ku-30, bukhoma.
Kuleli sonto kuvele ukuthi iSuperSport ifuna u-R37.7 million kwiSABC ukuze iyinanele igunya lokubukisa imidlalo yomhlaba.
ISABC ishaye phansi ngonyawo. Kuze kwangenelela Umnyango weZemidlalo owenganyelwe nguZizi Kodwa.
Le mpi ikhomba inselelo ebhekene noKodwa yokuqeda ukuphangwa kwemidlalo yamaqembu esizwe ngongxiwa nkulu abangenandaba nomphakathi odla imbuya ngothi.
AmaBhokobhoko aqala imidlalo yeGroup D neScotland kusasa (ngeSonto). Abanye kuleli qoqo kukhona i-Ireland, Romania neTonga.