ONGUMQONDISI weCricket South Africa (CSA), u-Enoch Nkwe, uthi ukuthuthuka kwekhilikithi emazingeni aphansi kungumgogodla wokuthuthuka kwekhilikithi kuleli laseNingizimu Afrika.
UNkwe ukusho lokhu kwethulwa iligi yesizini ka-2023/2024 yeMen’s Domestic Cricket, ePietermaritzburg Oval, eMgungundlovu, ngoMgqibelo.
Isizini yeMen’s Domestic Cricket okuzoqhuthana kuyo amaqembu e-1st Division ne2nd Division, izoqala ngendumezulu yemidlalo yosuku olulodwa ezodlalelwa eHollywoodbets Kingsmead Stadium, eThekwini, ngoSepthemba 16.
I-1st Diivision ibophele amaqembu ayisishiyagalombili okubalwa kuwo iDolphins, iWestern Province, iPaarl Rocks, iLions, iTitans engompetha bangesizini edlule, neTuskers yaseMgungundlovu ekhushulelwe kwi-1st Division isuka kwi-2nd Division, ukubala ambalwa.
Kuthi kwi-2nd Division ibophele amaqembu ayisikhombisa okubalwa kuwo iMpumalanga, iLimpopo, Inyathi ukubala ambalwa.
“Ngaphandle kokuthuthuka kwekhilikithi emazingeni aphansi, ikhilikithi lethu ezweni ngeke lifike ndawo, okuyingakho-ke kungihlaba umxhwele ukuba yingxenye yokwethulwa kokuqala kwale sizini ka-2023/24 yamaqembu e-1st Division naka2nd Division.
Njengoba iqembu lethu lesizwe lisazoba nemiqhudelwano emikhulu emqoka okubalwa kuyo i-ICC Men’s Cricket World Cup neminye, ngamaligi anjengalawa siyazi ukuthi sinabadlali abaningi abanethalente ezweni lethu,” kusho uNkwe.
UNkwe uphinde wakushayela ihlombe nokusungulwa kweligi entsha ekhokhelayo yekhilikithi, iCricket SA Women’s Professional League.
UJason Sathiaseelan oyisikhulu esiphezulu kwiKwaZulu-Natal Inland Cricket Union, uthe: “Silindele izinga eliphezulu kule sizini ka-2023/24, futhi sifuna ukubona abadlali, ikakhulukazi abalapha KwaZulu-Natal, bebizelwa eqenjini lesizwe amaProteas (esho sakuncokola).”
Lo mcimbi bewuzimaziswe nayiMeya yoMasipala uMsunduzi, uMzimkhulu Thebolla, othe benguMasipala waseMsunduzi bazoqhubeka bazeseke ezemidlalo ngoba zibamba iqhaza elikhulu ekufukuleni umnotho waleli dolobha laseMgungundlovu.