ISIBHAXU esinzima esitholwe ngamaBhokobhoko emdlalweni weCastle Lager Rugby Championship ngempelasonto, sibaveze obala abadlali okukhona okusina kubajeqeza ezindaweni zabo eqenjini lesizwe, esikimini seNdebe yoMhlaba.
Emuva kokuwuqala kahle umqhudelwano ekhaya ngewini kwi-Australia ngeledlule, AmaBhokobhoko abuyiselwe kwamhlaba enenebulwa yiNew Zealand ngo 35-20 ngoMgqibelo ekuseni eMount Smart Stadium, e-Auckland.
AmaBhokobhoko aqale lo mdlalo ngonyawo lonwabu, azithola eselandela emuva ngo 20-3 ngesikhathi kuyiwa ekhefini.
Le ndlela yokuqala umdlalo iphinde yalikhumbuza leli qembu, likaJacques Nienaber, ukuthi usemkhulu kangakanani umsebenzi osalimele ngaphambi kokuphuma nesikwati sokugcina esizodlala koweNdebe yoMhlaba eseFrance ngoSepthemba.
Kulo mdlalo elakuleli beliholwa njengokaputeni, ngu-Eben Etzebeth, odlale sezifikile kuyena izindaba zokudlula emhlabeni kukayise uHarry.
U-Etzebeth utuswe ngokwenza lokhu abecabanga ukuthi uyise ubezofuna akwenze, ngokusho kwakhe ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba leSouth African Rugby Union (Saru) ngaphambi komdlalo.
Kuningi okuhlale obala ngalesi sibhaxu kodwa okugqame kwahlala obala, wukuba sengcupheni kwendawo edlalwa, nguMakazole Mapimpi, kumaBhokobhoko.
Sesiside isikhathi imunyungwa indaba kaMapimpi odlala ngasophondweni lwangakwesobunxele.
Abathandi bombhoxo wakuleli abaningi babona sesifikile isikhathi sokuthi abuyiselwe ebhentshini uMapimpi, le ndawo ayidlalayo inikwe, uKurt-Lee Arendse.
Kowokuqala walo mqhudelwano, u-Arendse ushayele AmaBhokobhoko ama-try amathathu okwenze kwathusa ukushiywa kwakhe ngaphandle kowama-All Blacks.
Kulo mdlalo weNew Zealand, uMapimpi ongelinye lamaqhawe eNdebe yoMhlaba yango-2019, ushaye udaka ngendlela ethusa kunazo zonke kusukela eqale ukudlalela iqembu lesizwe.
Okukhalwa ngakho kakhulu ngoMapimpi wukuhluleka kwakhe uma sekufanele kuvinjwe izitha nendlela enza ngayo emabholeni asemoyeni, ishayisa amakhala kwabanye.
Akungatshazwa ukuthi uma sekuhlaselwa uMapimpi ungomunye wabangcono kodwa lokhu sekuyamehlulayo, okwenza kube nababona sekuyisikhathi sokuthi athenjwe ngokugcwele u-Arendse.
U-Arendse ungcono emabholeni asemoyeni, okungenye yezindlela zokuhlasela AmaBhokobhoko athembele kuzona kakhulu.
Yingakho kunomuzwa wokuthi nguye okufanele aqale yonke imidlalo kusukela manje kuze kufike iNdebe yoMhlaba.
Umdlalo wamaBhokobhoko olandelayo kwiRugby Championship ungoJulayi 29 ne-Argentina, e-Ellis Park, eGoli.