KULINDELEKE ukuthi siqhubeke nokunyuka isibalo sabasubathi abazoba yingxenye yePrince Mangosuthu Buthelezi Marathon njengoba abahleli bayo bememezele ukuthi kulo nyaka bazofaka nebanga lika-21km elizokhokha uR50 000 kwabazoshaya intambo.
Kukhale amakhwela kwakikiza abesifazane iMeya yaseMzinyathi, uPetros Ngubane, imemezela lezi zindaba esithangamini sabezindaba ebesiseMhlanga, eThekwini. Obekujabulisa abaningi ukuthi kungokokuqala eNingizimu Afrika ukuthi kukhokhwe imali engaka kuleli banga.
Umjaho omkhulu uzoba ngowebanga lika-52km. Kukhona elika-10km no-5km.
UNgubane uveze ukuthi lo mjaho okuhloswe ngawo ukuhlonipha uMntwana waKwaPhindangene, uzogijinywa ngo-Ephreli 30.
Uzosukela eNquthu, uphelele eDundee, ngaphansi kwaMasipala iNdumeni. Kuphindwe kuhlungelwe ngawo iComrades Marathon.
Uqhube wathi nakulo nyaka emjahweni omkhulu webanga lika-52km, abazonqoba basazoklonyeliswa ngoR100 000. Nakuba imali isafana kodwa inyusiwe kusukela kwabazolala isibili kuze kuyoshaya kweyeshuni.
Isibonelo; nyakenye olale eyeshumi ugoduke noR1 000. Kulo nyaka uzothola uR5 000.
Inyukile naku-10km. Abazokhonya bazoklonyeliswa ngoR5 000. Nyakenye bekuwuR3 000.
"Isiyonke imali okuzoklonyeliswa ngayo abasubathi ingaphezu kukaR700 000. Sigqugquzela abasubathi ukuthi bafake imingenelo ngokushesha. Sinxusa nabagijimi baseMzinyathi ukuthi babhalise ngobuningi ngoba mihle le miklomelo, ingenza umehluko empilweni yabo.
“Empeleni lo 21km siwenzele bona. Kuyasijabulisa ukuthi lo mjaho wokuhlonipha iqhawe, eliwuMntwana waKwaPhindangene, ukhula mihla namalanga," kubeka uNgubane oveze nokuthi nehhovisi lakhe lizokhipha imiklomelo yalo eseceleni kwabazoshaya intambo.
UCeli Makhoba ongumdidiyeli walo mjaho ozobe ugijinywa okwesihlanu, uthe ukuconsisa amathe kwemiklomelo yalo nyaka kuzokwenza sande isibalo sabazoba ingxenye yawo.
"Nyakenye, kowo wonke amabanga, besinabagijimi abangu-1200. Kulo nyaka silindele ukuthi badlule ku-2500. Silindele abaphuma komakhelwane beNingizimu Afrika nabaphuma kumazwe anjenge-Ethiopia, Kenya, Nigeria ukusho ambalwa," kubeka uMakhoba.
Mayelana nemingenelo, ku-52km kubhaliswa ngo-R200 bese kuba u-R150 ku--21km. Ku-10km kukhokhwa u-R100 bese kuba u-R20 ku-5km. Imingenelo ifakwa ezitolo zakwa-Pick n' Pay, www.webticket.co.za nakwezinye izindawo. Abaxhasi bePrince Mangosuthu i-Orange Groove, Aquelle, Asiziqalele Contractors neCoca Cola.
UNgubane uthe basazivulile izandla nakwabanye osomabhizinisi abafuna ukuxhasa owengamelwe iBiggersburg AC.