UMDLALI we-karate oya ngokudlondlobala kulo mdlalo, uKhaya Mkhize, unesifiso esikhulu sokubona umdlalo we-karate kuleli uba sezingeni elifanayo nelaseJapan eyikomkhulu le-karate, ngemuva kokubamba iqhaza okokuqala kwiWorld Open Full Contact Karate Championship, khona kule lizwe elise-Asia.
UMkhize (20) waseMfekayi, eMtubatuba, ubalwa kumakarateka angu-45 ayemele iNingizimu Afrika kwi-13th World Open Full Contact Karate Championships eyayiseTokyo, eJapan, ngoNovemba nyakenye, lapho kwakududulana khona abadlali abaqhamuka emazweni ehlukene okubalwa nabaseJapan engosokhaya.
Lo mqhudelwano kaqinathambo we-karate (full contact) ubanjwa njalo ngemuva kweminyaka emine, eTokyo, eJapan, waqala ngo-1975 kanti owanyakenye bekungoka-13.
Nakuba kwakhonya amakarateka aseRussia edla umhlanganiso kwabesilisa, kwabesifazane kwagiya awaseJapan, akhona nawaseNingizimu Afrika enza kangcono, okubalwa naye uMkhize owagingqa u-Iduka Tsubasa waseJapan ku-round 2, ngaphambi kokuhlulwa ngamaphuzu wuNakano Sota ku-round 3.
Ukwenza kahle kukaMkhize kulo mqhudelwano yikho osekuholele ekumenyweni kwakhe kwi-All Japan Karate Championship, ezoba khona eTokyo, eJapan, ngoJuni. Umenywe nomfowabo omdala uSamkelo Mkhize, naye owenza kahle kwiWorld Open Karate Championship engena kuLast 32.
Kwi-All Japan Karate Championship kumenywa amakarateka asuke enze kahle kwiWorld Open Karate Championship, nokwenza kube yingqayizivele ukumenywa kuyona kumdlali we-karate.
“Kusho lukhulu kimina ukumenywa kwi-All Japan Karate Championship, ngoba kusho ukuthi umsebenzi uyabonakala wokuzinikela entweni umuntu ayenzayo.
Bekungokokuqala ngiya eJapan, ngakho ukubamba kwami iqhaza kwiWorld Open Championship kwangivula amehlo ngenxa yendlela umdlalo i-karate osezingeni eliphezulu ngayo kuleliya lizwe, nangendlela nje ohlonishwa ngayo.
Empeleni i-karate ifana nesiko eJapan. Abadlali bakhona bayakwazi ukuphila ngayo, okuyinto engakenzeki ngapha ngakithi e-Afrika.
Ngakho kuyisifiso sami ukuthi nalapha eNingizimu Afrika i-karate ikhule ifinyelele ezingeni engalibona” kusho uMkhize, owenza iziqu ze-Accounting e-University of KwaZulu-Natal (UKZN).
UMkhize omandla nge-hiza geri (ukushaya ngedolo) okuyiyona agingqa ngayo uTsubasa, uqeqeshwa wuSensei Kwanele Cele e-dojo yaseHoward, e-UKZN, eThekwini, nomfowabo uSamkelo, yena owenza izifundo zobudokotela kuso lesi sikhungo.
Uthe ukukhuthazwa nguyise, uBlessing Mkhize, kulo mdlalo womkhalambazo ebuncaneni babo nabafowabo, yikho okwamenza wawuthanda kakhulu.
“Ubaba wethu ngenkathi ebona ukuthi siyawuthanda lo mdlalo we-karate, wabe esenza konke okusemandleni ukuseseka waze wasifunela nendawo enabaqeqeshi abanolwazi olufanele ngawo.
Kusukela lapho asibange sisabheka emuva njengoba sesilapha esikhona manje. Ngikholwa wukuthi uyaziqhenya ngathi uma esibona sesikuleli zinga esikulo njengamanje kulo mdlalo.”