Inkundla yekhilikithi yaseKapa, iNewlands Cricket Ground , inikezwe isijeziso sephuzu elilodwa ngemuva kokuthi inhlangano eyengamele ikhilikithi emhlabeni, i-International Cricket Council (ICC), ithole ukuthi isesimeni esingagculisi.
Lokhu kulandela umdlalo obuphakathi kweNingizimu Afrika ne-India ophele ngosuku lwesibili. Lo mdlalo oqale ngoJanuwari 3 bekuhlelwe ukuthi udlalwe izinsuku ezinhlanu njengoba bekuwumdlalo we-test kodwa wagcina uwumdlalo walolu hlobo lwekhilikithi omfushane kunayo yonke emlandweni.
Kulo mdlalo kuphonswe amabhola angu-642 kuphela, ngaleyo ndlela waphula irekhodi lamabhola angu-656 adlalwa ngesikhathi i-Australia ishaya iNingizimu Afrika ngo-1932.
Nakuba kwenzeka ukuthi imidlalo iphele ngaphansi kwezinsuku ezinhlanu ezisuke zihleliwe. Okuthuse iningi labathandi nabahlaziyi bekhilikithi wukuphuma ubuthaphuthaphu kwabadlali kuwona womabili amaqembu.
AmaProteas ashaye kuqala eNewlands akhishwa wonke enama-run angu-55 kuphela. I-India yenze kangcono iqoqa ama-run angu-156 kwi-innings yayo yokuqala. Iqembu lakuleli lihlanganise ama-run angu-176 kwi-innings yesibili ngaphambi kokuthi izivakashi zishaye ama-run angu-80 ukuze zinqobe umdlalo.
Umbiko owenziwe unompempe we-ICC, uChris Broad, uthe okaputeni bawo womabili amaqembu, uDean Elgar noRohit Sharma, nabo baphumele obala ngesimo senkundla ebesingesihle.
“Bekunzima kakhulu ukushaya ibhola kule nkundla yaseNewlands. Ibhola beligqoma kakhulu futhi ngokushesha, okwenze kwaba nzima ukuthi labo abashayayo bakwazi ukudlala. Iningi labo belizithola selishaywa ibhola emagilavini ngenxa yokuthi beligqoma ngendlela exakile,” kusho uBroad embikweni okhishwe yi-ICC.
Ngenxa yalokhu, iNewlands inikezwe iphuzu elilodwa elibi. Nokho, lesi sijezizo singaphansi kwesamaphuzu amathathu anikezwa izinkundla ezitholakala zingekho nhlobo esimeni esilungele umdlalo.
Khonamanjalo, iWestern Province Cricket Association, ephethe inkundla yaseNewlands, ithe ukubuyisela iNewlands ezingeni eliphezulu kuyingxenye yezinhlelo zayo.
“I-WPCA izibophezele ekuphakamiseni izinga lekhilikithi nokuqinisekisa ukuthi inkundla yokudlala eNewlands isezingeni eliphezulu kakhulu,” isitatimende sabo sifundeka kanje.
“Siyakuzwa ukukhathazeka okuphakanyiswe ngunompempe we-ICC, uMnuz Chris Broad. Sizosebenzisana ne-Cricket South Africa, sibuyekeze umbiko kanompempe kabanzi ukuze silungise lapho kufanele silungise khona.”
Uma inkundla iqoqa amaphuzu ayisithupha esikhathini esiyiminyaka emihlanu iyamiswa ekusingatheni imidlalo yamazwe kuze kuphele izinyanga ezingu-12.