ISIKHULU seBlue Bulls, u-Edgar Rathbone, uthe iqembu liyazibophezela ekutheni lizomeseka umdlali obenyamalele uSbu Nkosi, aze abe sesimweni sokubuyela enkundleni.
Ngempelasonto iBulls ikhiphe isitatimende idalula ukuthi kuvulwe icala lokunyamalala komuntu emaphoyiseni ngoba bese kuphele amasonto amathathu engatholakali umdlali. Ngokwesitatimende ubesebhekwe yonke indawo kodwa kungacaci ukuthi ukuziphi izinkalo.
NgoMsombuluko ntambama iBulls ikhiphe esinye isitatimende, iqinisekisa ukuthi usetholakele uNkosi futhi uphephile.
Ekhuluma nabezindaba ngoLwesibili ekuseni eTshwane, uRathbone, uthe bagcine bemtholie umdlali ngoMsombuluko ekubo eMalahleni, eMpumalanga, nokuyilapho bethole khona isikhathi sokuxoxa.
Nakuba engafunanga ukudalula imininingwane ephelele, uthe uNkosi ugonyuluke ngengcindezi abhekene nayo njengomdlali wezombhoxo nokuholele ekutheni abone kungcono ukuba azivalele.
Uqhube wathi asikho isikhathi abasinqumile sokuthi umdlali abuyele enkundleni futhi sekungcono ngoba usephumele obala ngezinto ezimphazamisayo.
"Kusijabulisile ukuthola uSbu futhi kusikhululile ukubona ukuthi uyaphila. Kusiphathe kabi ukubona isimo abekusona. Waziwa njengomuntu omnene kodwa umoya wakhe ubuphansi ngenxa yesimo abhekene naso," kuchaza uRathbone.
"Nginesiqiniseko sokuthi sizomeseka ngakho konke akudingayo futhi siyamncoma ngokuthi abe nesibindi akwazi ukuvuma ukuthi kukhona okungahambi kahle.
"Ubengaphoqelekile ukuthi asichazele kodwa wakwenza. Lesi yisifundo esibalulekile kimi nakwabanye abasondelene naye. Ngelinye ilanga uzohlonishwa ngokunika abanye isibindi sokucela usizo uma kukhona okungahambi kahle."
UNkosi ujoyine iBulls ngoMeyi, esuka kwiCell C Sharks, eThekwini. Ngaphambi kwalokho ubeke wagijima kwiPumas, Lions neqembu leNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Washiya isikole sangakubo iBarbeton High, wayoqala kuGrade 10 eJeppe High eGoli, nokuyinto uRathbone acabanga ukuthi imfakele ingcindezi uNkosi.
"USbu uqale ukudlala kwezombhoxo okhokhelwayo esemncane, eseneminyaka engu-20. Washiya abazali esemncane kakhulu eyofunda eJeppe ukuze afeze iphupho lakhe. Unqobe isicoco seNdebe yoMhlaba eneminyaka engu-23. Zonke lezinto ziza nengcindezi," kuqhuba uRathbone.
"Njengoba uSbu esetholakele siyacela ukuthi simnike ithuba lokuthi avuselele ukuzethemba kwakhe abuyele kuSbu esimaziyo sonke. Masibe nomusa futhi siyeke ukukhuluma amazwi amabi angase agcine eyingozi kuye nakwabanye abasesimweni esifanayo.
"Ngifisa bonke abantu bazi ukuthi akulona icala ukucela usizo uma uzizwa ungekho esimweni esihle ngokomqondo. Ukucela usizo akusho ukuthi ubuthakathaka kodwa kukhombisa ukuthi unesibindi.
"Thina njengeBulls nabalingani bethu sizobheka izindlela nezinhlelo esingazethula emphakathini wethu webhola lombhoxo futhi ngiyethemba ukuthi lokhu kuzoletha ushintsho kulo mdlalo eNingizimu Afrika."
Engxoxweni abe neNews24, uNkosi uthe ingcindezi yengqondo iholele ekutheni aziqhelise ebantwini anqume ukuyohlala noyise.
“Kuningi engingakusho kodwa sengiyalulama, kube yingcindezi yengqondo nje. Sekuphele iminyaka ingidla le nto, kusukela ngisekwiSharks futhi bekunzima," kusho uNkosi, etshela iNews24.
“Kuningi, kodwa yisikhathi sokuthi ngizibeke phambili njengomuntu ngaphambi kokucabanga ukuthi ngingumdlali wombhoxo. Bengizivalele nobaba futhinguyena obengisiza kulezi zinsuku.
“Angihlukile kwabanye abantu, sonke sibhekana nezimo ezehlukene. Mhlawumbe kumele kwenziwe imizamo yokulekelela abadlali ukuthi bakwazi ukulawula imizwa yabo, ezikhathini ezinhle nezimbi," kunxusa uNkosi.