Izimvula zakamuva zijabulise abahleli beDusi Canoe Marathon okwaphoqeleka ukuthi nyakanye iqalelwe endaweni entsha ngenxa yokungcola kwamanzi.
USteve Botha, ongumhleli walo mjaho wabagwedla iziklebhe emanzini, utshele Isolezwe ukuthi ngenxa yesimo esifanayo nakulo nyaka, umjaho uzoqalela khona eBishop Country Club, eMgungundlovu.
Le ndawo ingaphambili ngamakhilomitha awu-14 lapho iDusi evame ukuqalelwa khona, eCape Drift.
Kulo nyaka kuzoqalwa ukugwedlwa ngoFebhuwari 15 kuze kuyoba uFebhuwari 17. Njengokujwayelekile, isiphetho sizoba eBlue Lagoon, eThekwini.
UBotha uveze ukuthi izimvula zakamuva zehlise amaphaphu kubo njengoba bese besaba ukuthi bazobhekana nezinkinga ezimbili: eyokungcola kwamanzi neyokushoda kwawo.
"Eyokungcola kwamanzi yinkinga engaphezu kwethu. Okunye okuyidalayo wukuguga kwengqalasizinda. Okusijabulisayo ukuthi imifula yethu inamanzi anele ngenxa yalezi zimvula zakamuva. Okuhle ukuthi ziphinde zagugula ukungcola kolwandle obekukapakele engxenyeni ethile lapho kusongwa khona umjaho, eBlue Lagoon. Sithandazela ukuthi ziqhubeke.
“Okubuye kusinike ithemba ukuthi nakuba saqalela endaweni entsha nyakenye kodwa konke kwahamba kahle, izinga laliphezulu. Silindele okufanayo nakulo nyaka," kubeka uBotha, oqinisekise abagwedli ukuthi konke sekumi ngomumo.
Uveze nokuthi ezokuphepha zizobe zisezingeni eliphezulu. Kulo nyaka abagwedli bazoba ngababili esikebheni (K2). Nyakenye bekugwedlwa ngamunye esikebheni (K1).
U-Andy Birkett uqhubekile nokukhonya kwabesilisa. Isibili kwaba uMsawenkosi Mtolo. Kwabesifazane intambo yashaywa uChristie MacKenzie owalandelwa uBridgitte Hartley owanqoba indondo yethusi kuma-Olympic Games ango-2012.
UBotha uveze nokuthi balindele abagwedli abawu-500 sezihlanganiswe zonke izigaba zemijaho.
Ube esebonga enconcoza kubaxhasi babo, uMnyango wezeMidlalo, i-Euro Steel nakwi-aQuelle ngokuseka lo mjaho.
Ukufakwa kwemingenelo kuqalwe ngoDisemba 26, kuzovalwa ngoFebhuwari 10. Abazogwedla kumasiniya bakhokha u-R1 950 bese kuba u-R1 650 kumajuniya. Abazoyifaka sesidlulile isikhathi bazokhokha u-R2 950 bese kuba u-R2 650 kumajuniya.