AMABHOKOBHOKO azozifica zigawulwe zabekwa kwi-Italy ezosingatha ompetha bomhlaba emdlalweni oseGenoa namuhla ngo-3 ntambama.
Okuzokwenza amaBhokobhoko, acijwa nguJacques Niennaber, azifice zigalwe zabekwa kwi-Italy, wukuthi izobe imise imisila ibheke phezulu emuva kokubeka umsebenzi womqeqeshi we-Australia nethimba lakhe engcupheni bemvuthuza kowedlule.
I-Italy emdlalweni wayo owedlule igcwalise isiphrofetho ngokudlondlobala kombhoxo wasenhla nezwe (northern hemishephere) iguqisa amaWallabies ngo 28-27.
Lokhu kushiye usengozini umsebenzi kaDave Rennie, ocija e-Australia, nakuleli sonto ozalewe yinja endlini kwi-Ireland esalokhu iyibambe eqhulwini ekuklelisweni kwamazwe kwiWorld Rugby.
Ibiqala i-Australia ukuguqiswa yi-Italy emlandweni wombhoxo.
Lokhu kwenzele ukuthi uRennie abuyisele abadlali abane kuphela esikimi esizoqala eDublin namuhla.
UNiennaber naye ziyamnetha kulo mjikelezo kwazise uwuvule ngayo induku ye-Ireland kanti kowedlule umdlalo unenebulwe yiFrance ngo 26-30.
*Khonamanjalo, kuleli sonto iWorld Rugby idide abaningi ibalwa icentre yamaBhokobhoko, uLukhanyo Am (osesithombeni), embangweni weWorld Rugby Player of the Year ekubeni eqiwe yinqwaba yemidlalo kule sizini ngenxa yokulimala. Kukhulunywa nje u-Am akekho esikwatini esise-Europe.