KUSUKA liqalile isonto, okuba seqhulwini uma kukhulunywa ngomdlalo we-quarterfinal phakathi kweFrance namaBhokobhoko, yingcindezi ezokwelekwa ngabalandeli beqembu lasekhaya kompetha bomhlaba.
Inkundla okuzohlanganwa kuyo, iStade de France, eParis, ngeSonto (kusasa) ngo-9 ebusuku, imumatha abalandeli abangu-80 000.
Ikhulunyiwe eyokuthi amaBhokobhoko kuzomele avike amaphutha angawaqhatha nonondweba, uBen O’Keefe, waseNew Zealand, ozobe ephethe umdlalo.
Umbuzo nokho usamile kodwa emaqhingeni azosetshenziswa ngamaBhokobhoko ukunqoba lo mdlalo oyisango lama-semifinal.
Yilapho kungena khona elinye lamaphini kakaputeni, uBongi Mbonambi, ozobe ehola iscrum kunombolo-2.
Kulo mqhudelwano kucacile ukuthi iscrum ngesinye sezikhali ezinkulu zeqembu lasekhaya nokwenza kulindelwe impi yengwe nengonyama kulezi zigaba zomdlalo.
“Bebelokhu beshaya iscrum esihle kakhulu umqhudelwano wonke. Sibahlaziyile abadlali abagabe ngabo la kodwa-ke akukho okudlula ukuqinisa ekuzilolongeni,” kusho uMbonambi, ngokucashunwa kwiThe Mercury.
“SiyiNingizimu Afrika siyaziqhenya ngokuba ngamaphikankani kodwa futhi yinto efanayo nakwiFrance.
“Siyakwamukela lokho futhi sizoziveza. Ngumdlalo wombhoxo, kuyangqutshuzwana nokuyinto esiyithakaselayo.”
AmaBhokobhoko awaqali ukubhekana nosokhaya kumaquarterfinal kwazise nango-2019 eJapan kwaba ngesifanayo kodwa-ke iFrance ikwelinye izinga kuneJapan.
AmaBhokobhoko neFrance bagcine ukuhlangana ngo-2018 kodwa emdlalweni ongaphansi kwezinga kunalo kwazise kwakungowomjikelezo wokuphela konyaka weqembu laseMzansi.
Ukuqokwa kuka-O’Keefe ukuphatha lo mdlalo kulindelwe kuwasize ehlise amaphaphu womabili la maqembu.
IFrance izochazwa wukuthi nguye lo nondweba obephethe umdlalo ngesikhathi ibukisa nge-England kwiSix Nations kulo nyaka.
AmaBhokobhoko azothotshwa wukuthi nguye obephethe imidlalo yawo emibili yokugcina anqume kuyo iWallabies kwiRugby Championship ngaphambi kokutheleka eFrance.