KULINDELWE ukuba ompetha bomhlaba, amaBhokobhoko, badlule ngehubo kwiTonga abaphetha nayo imidlalo yabo yamaqoqo kwi-2023 Rugby World Cup kusasa (ngeSonto) ebusuku kodwa umlando uza nesexwayiso.
Lo mdlalo ose-Orange Velodrome Stadium, eMarseille kwelamaFrench, uqala ngo-9 ebusuku, uyingxenye yale okuvunyelwane ngayo ngendluzula ukuthi izoba khona kwiSABC2.
ITonga yona izobe idlala okwesithathu kodwa ibanga neRomania ingozi yokuphuma kuleli qoqo bengakaze banqobe umdlalo.
Emidlalweni emibili, iTonga njengeRomania, kayinalo ngisho iphuzu lebhonasi okusho ukushayeka kalula kwabo ngokunjalo nobuthuntu ekweqeni umugqa omhlophe we-try.
Yize kunjalo kodwa umlando wokuhlangana kwala mazwe kuyo iNdebe yoMhlaba ngo-2007 khona eFrance, ukhomba ukuthi ezaseMzansi zacishe zalala zingendlalelwe.
Kwakuyikho ukuzithatha kancane izinsizwa zasesiqhingini esizungezwe wulwandle olukhulu, iPacific Ocean.
Owayecija iqembu, uJake White, wabopha iqembu laba ntekenteke, ephumuza izigayigayi ezinjengokaputeni uJohn Smit nephini lakhe uVictor Matfield.
Waphumuza nesithuthuthu esinguBryan Habana nezincushe ekukhahleleni uPercy Montgomery noFrans Steyn.
Sekuyindaba endala ukuthi waphoqeleka ukufuhlela bonke sebesuka ebhentshini okwasiza amaBhokobhoko, agcina enqobe ngengcacamezela ka 30-25.
Kulokhu, uJacques Nienaber ngeke afaniswe noWhite ngezinguquko azenzile.
Kunombolo-10 kunakho ukukhalipha ukunika uHandre Pollard ithuba lokulanda amandla ngaphambi kokungena emidlalweni yomkhumulajezi.
UPollard ubizelwe ukuzochibiyela kumaBokke emuva kokulimala kukaMalcom Marx.
UPolland uzobe eqala ukudlale la amaBhokobhoko ezinyangeni ezingaphezu kuka-13 elwa nokulimala.
Yiz ezenzile izinguquko uNienaber kodwa kuyaqapheleka ukuthi ukhona ukaputeni uSiya Kolisi, yiphini lakhe uDuane Vermeulen ozoyibamba kunombolo-7 kwazise endaweni avame kuyo, unombolo-8, kuzoqhubeka uJasper Wiese ashintshana naye.
Indawo ye-hooker, ngenye yezophinde ibhekwe kakhulu kwazise kuzoqala kuyo uDeon Fourie. Ebhentshini kukhona uMarco van Staden njengoba uBongi Mbonambi ephunyuziwe.
Ababasele ama-try udede kubhudluzwa iRomania emasontweni amabili edlule, uCobus Reinach, Makazole Mapimpi (amathathu ngamunye) noGrant Williams oshaye amabili, bonke bayawuqala umdlalo.