LIBHEKE ukukhombisa elikufundile eNdebeni yoMhlaba iqembu lakuleli lombhoxo labesifazane uma selibhekene neCanada neSpain kwiPacific Four Series, ngokusho komunye wabadlali u-Aseza Hele.
AmaBhokobhoko azotholana phezulu neCanada ngoMashi 25. Azobe eselandelisa ngeSpain ngo-Ephreli 1 kulo mqhudelwano ozobanjelwa enhlokodolobha yaseSpain, iMadrid.
Iqembu lakuleli laqeda emsileni ngephuzu elilodwa eqoqweni lalo uPool C kweyoMhlaba eyayibanjelwe e-Auckland, eNew Zealand, kusukela ngo-Okthoba kuya kuNovemba nyakenye.
Alilibonanga elidlalayo libhekene neFrance ne-England kodwa lalwa ligadulisana neFiji, lagcina linqotshwe ngo 21-17.
UHele, ongomunye wabadlali bakuleli abagqama kweyoMhlaba, uyingxenye yabadlali abasekhempini eKapa abazolubangisa phesheya kusihlwa.
“Kuhle ukubuyela enkundleni. Kuhambe kahle emakhempini ambalwa okuqala, kodwa njengoba sesizoya phesheya usukhuphukile nomfutho,” kusho uHele.
“Sikubheke ngabomvu ukuzwana amandla neCanada kanye neSpain njengoba sesiside isikhathi sagcina ukudlala.”
AmaBhokobhoko adlale owokungcweka neqembu laseBoland ngoLwesihlanu aphinde adlale omunye ngoLwesibili neqembu laseBrazil elizilolonga eKapa kulezi zinsuku.
Phesheya azophinde azicije ngokubhekana neWales ngaphambi kokudlala esemthethweni neCanada neSpain.
“Amaqembu esingcweke nawo asinikeze imidlalo enzima, nokuyinto ebesiyidinga. Isizini yemidlalo yamazwe isiqalile futhi kusemqoka ukuthi sibe sesimeni esifanele ngaphambi kokuthi sihambe,” kuqhuba uHele.
“Sibe nekhefu elanele ngemuva kweNdebe yoMhlaba kodwa manje siyazi ukuthi usuyaqala umshikashika wemidlalo emqoka. Yinto esiyijabulelayo njengeqembu. Sifuna ukubona ukuthi sesithuthuke kangakanani selokhu sadlala eNdebeni yoMhlaba.”
Iqembu lizobe liholwa ngowayedlalela amaBhokobhoko esilisa futhi oyisikhulu sesikhungo sokuthuthukisa abadlali kuleli, iSA Rugby High Performance, uLouis Koen, oqokwe njengebamba ngesonto eledlule.
Uvale isikhala sikaStanley Raubenheimer, ophelelwe yinkontileka ngoDisemba ngemva kweNdebe yoMhlaba.
Iphini lakhe ngowayedlalela amaBhokobhoko esifazane futhi osengumqeqeshi weqembu lesizwe labesifazane lika-Under-20, uLaurian Johannes-Haupt.
Bayisishiyagalombili abadlali abangakaze balidlalele iqembu lesizwe elikhulu esikwatini esiqokwe yilaba baqeqeshi.
UHele uthe nabo njengabadlali asebenamava sebefunde lukhulu kubaqeqeshi kulesi sikhathi abasichithe ekhempini.
“Siyawabonga amagalelo abaqeqeshi. ULouis unecebo elicacile mayelana nendlela afuna sidlale ngayo futhi lokho kuyasikhuthaza kakhulu. Manje sesiyazi ukuthi isizini yethu ibukeka kanjani futhi umdlandla usuphezulu,” usho kanje.
ICanada isendaweni yesine uma kukleliswa amazwe, iSpain ilele endaweni ka-11 kanti iNingizimu Afrika isendaweni ka-13.