NAKUBA kummangazile ukusheshe angene eqenjini lesizwe elikhulu labesifazane lekhilikithi umshwibi osemncane, u-Ayanda Hlubi (19), ukholwa wukuthi konke adlule kukhona kumlungisele ukufika kuleli zinga.
Phakathi kwabantu abenze uhambo lwakhe lube yimpumelelo, ubale umndeni wakhe, bonke abaqeqeshi bakhe, nabo bonke abantu abamesekile.
Intatheli yeSolezwe, uXolile Mpisane, ibe nengxoxo ekhethile nalo mdlali ofike kwazwakala ngesikhathi edlalela amaProteas esifazane okokuqala emasontweni edlule lapho ethathe khona amawikhethi amabili nge-over yakhe yokuqala.
Xolile Mpisane: Siyakuhalalisela ngokufika eqenjini lesizwe. Ngaphambi kokuthi sifike lapho, ake siqale lapho usuka khona. Wazalelwa kuphi, wakhulela kuphi?
Ayanda Hlubi: Ngiyabonga. Ngazalelwa eBergville kodwa kwathi sengineminyaka engu-10 ngayohlala eLindelani (eThekwini), lapho ngisahlala khona namanje nomama nabafowethu ababili.
XM: Waqala kanjani ukudlala ikhilikithi?
AH: Ngaqala ngo-2015, ngimenywe umngani wami uKhethiwe Mkhulise, owayengumakhelwane wami ngaleso sikhathi. Wayeseqalile ukudlala ikhilikithi futhi ngangijwayele ukumbona uma eya ejimini. Ngalelo langa ngakhetha ukuhamba naye ngiyozibonela ukuthi kwenzekani. Ngafike ngakuthokozela ukudlala futhi angiphindanga ngayeka.
XM: Wabona nini ukuthi unekhono ukudlala futhi ungaya kude kulo mdlalo?
AH: Kuwona lowo nyaka ngoDisemba, ngisafunda esikoleni iMandlakazulu Primary ngangena eqenjini elaya kodlala kwi-SA Schools, kwathi ngonyaka olandelayo (2016) ngabizwa eqenjini laKwaZulu-Natal lika-Under-13. Ngabona lapho ukuthi nginalo ikusasa kulo mdlalo.
XM: Umdlalo wekhilikithi ubuwuthanda ngaphambi kokuthi uwuqale?
AH: Bekuwumdlalo ebengiwubuka kwithelevishini futhi ngiwukhonzile. Kwaqondana kahle ukuthi ngigcine ngihlangane noKhethiwe esevele ewudlala.
XM: Ngesikhathi uqala ukufika ejimini kwiLindelani Cricket Club, yikuphi owakuthanda kuqala phakathi kokushwiba nokushaya ibhola?
AH: Ngathi ngiqala ukufika, umqeqeshi uSandile Caluza wangamukela kahle wangitshela ukuthi angenze lokhu okwenziwa ngabanye abadlali. Yilapho ngabona khona ukuthi ukushwiba yikhona okulula kimina. Ngaleso sikhathi ngangingakazi nokuthi ubanjwa kanjani umphini wokushaya, yingakho ngasheshe ngaqinisa kakhulu ekushwibeni.
XM: Ngesikhathi usuqala ukudlala emazingeni athe ukuba phezulu, yimuphi umehluko owawubona?
AH: Ngesikhathi ngisaqala ukudlala sasidlalela ubumnandi. Kuthe uma izinga likhuphuka kwacaca ukuthi umuntu kufanele abhukule. Ngasheshe ngakwenza lokho ngoba ngase ngivele ngizitshelile ukuthi ngingayishintsha impilo yami ngekhilikithi.
XM: Yiziphi izingqinamba oke wabhekana nazo kulo mdlalo?
AH: Ubunzima engadlula kubona yingesikhathi ngifakwe eqenjini laKwaZulu-Natal lika-Under-19 elaliyodlala eKapa, ngo-2020. Kwathi uma sesifika khona kwatholakala ngineCovid-19, ngangakwazi ukuthi ngidlale. Kwakunzima kakhulu ngoba ngangivaleleke ehhotela kodwa ngangikwazi ukubona kancane enkundleni la kwakudlalelwa khona.
XM: I-Covid iphazamise iNdebe yoMhlaba okwakumele idlalwe ngo-2021, kodwa yagcina isidlaliwe kulo nyaka. Wazizwa kanjani ngesikhathi uthola ukuthi ufakiwe esikwatini salo mqhudelwano?
AH: Ngajabula ngendlela engachazeki. Ngazizwa ngiziqhenya futhi ngikulungele ukumela izwe lami. Ngiyaziqhenya ngendlela iqembu eladlala ngayo kulo mqhudelwano yize saphuma ngendlela ebuhlungu. Iqembu lalibumbene kakhulu. Angisoze ngawukhohlwa lowo mqhudelwano.
XM: Ubulindele ukuthi usheshe ufakwe esikwatini esikhulu?
AH: Bengingalindele kodwa bonke abaqeqeshi bami bebehleli bengikhuthaza bethi kufanele ngilindele ukukhuphukela ezingeni elilandelayo. Ngesikhathi ngithola ukuthi ngiseqenjini elizodlala neBangladesh, ngangizizwa engathi ngisemafini, ngiswele amagama okubonga.
XM: Kusize kangakanani ukuthi ufike eqenjini lesizwe elikhulu uthole abantu abaziyo njengoNonkululeko Mlaba nabanye?
AH: Kwenze umehluko omkhulu ngoba bengazi ukuthi bakhona abantu asebedlule kule ndlela engikuyona futhi engingakwazi ukuxoxa nabo noma ngibuze okuthile kubona. Empeleni bonke abadlali bangamukele kahle kodwa kumnandi ukuba nabantu abasuka lapho usuka khona.
XM: Ulitholile ithuba lokudlala okuqala emdlalweni wesithathu weT20 neBangladesh ngoLwesihlanu olwedlule, wathola amawikhethi amabili kwi-over yakho yokuqala, waphinde waqokwa njengomdlali ovelele. Uke wacabanga ukuthi uzoqala kanje eqenjiini lesizwe elikhulu?
AH: Bengingacabangi ukuthi kuzokwenzeka ngendlela okwenzeke ngayo. Ukuthola iwikhethi yokuqala kungenze ngagcwala injabulo futhi lwehla novalo ebenginalo. Bekusho lukhulu kimina ngoba bengiqala ukudlalela iqembu elikhulu. Ngiyethemba ukuthi lokhu kuseyisiqalo futhi kuningi okuseza.
XM: Ngaphandle kokudlala ikhilikithi, yini enye othanda ukuyenza ngesikhathi sakho?
AH: Ngithanda ukubuka amafilimu noma ukuzishayela kancane ngonyawo ngaphandle, ngishaywe ngumoya. Ngiwumuntu owakhonzile amancoko futhi uma ngisekhempini ngijwayele ukuchitha isikhathi esiningi noNobulumko Baneti, yize ngisondelene nabo bonke ozakwethu. Uma ngisekhaya ungangithola ngizihlekela noma ngidla nomama nabafowethu. Ngiyazifela ngojeqe nobhontshisi.