OYIPHINI likasihlalo we-Full Contact Karate Federation KwaZulu-Natal, uShihan Bongani Gumede, ukholwa wukuthi amakarateka akulesi sifundazwe azokwenza into yamehlo emqhudelwaneni womhlaba we-karate i-13th World Full Contact Karate Championships ozobanjelwa eJapan.
Umcimbi wokuvalelisa amakarateka aKwaZulu-Natal ayoyibamba eJapan, ubanjelwe eCoastlands Hotel, eThekwini, usingathwe wuMnyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal neKZN Sports Confederation.
Lo mqhudelwano kaqinathambo we-karate obanjwa njalo ngemuva kweminyaka emine, uzoba seTokyo, eJapan, kusukela ngoLwesine lukaNovemba 16 kuya ku-19 ngeSonto. Lapha kuzobe kudlana imilala amakarateka aliqhamukisa emazweni angu-96 emhlabeni wonke, okubalwa nawaseJapan engosokhoya balo mqhudelwano owasungulwa ngo-1975 wuMas Oyama ongasekho oyingqalabutho yeKyokushinkai Karate, okuyisitayela somkhalambazo kaqinathambo (full contact).
Kumakarateka angu-45 azomela iNingizimu Afrika kulo mqhudelwano womhlaba womkhalambazo, i-KZN eyaziwa ngokukhonya kulo mdlalo, yiyona ezomelwa ngamakarateka amaningi ukwedlula zonke izifundazwe zakuleli njengoba igabe ngamakarateka angu-23.
“Sizimisele kakhulu ngokwenza ezibukwayo kulo mqhudelwano we-13th World Open Full Contact Karate Championships, silandele ezinyathelweni zamaBhokobhoko ngokwenza izwe laseNingizimu liziqhenye ngathi.
Sibonga kakhulu kuMnyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal neKZN Sports Confederation ngokuseseka kuze kufike kuleli zinga esikulo njengamanje, ngakho siyathembisa ukuthi ngeke sibaphoxe, sizobuya nazo izindondo eJapan.
Nakuba i-karate eNingizimu Afrika noma ingakafiki ezingeni esifisa ibe kulo kodwa iqiniso wukuthi umhlaba uyasazi ngamagalelo ethu, ngenxa yezingqalabutho zethu kulo mdlalo okubalwa kuzo o-Alpheus Sabela noJeffrey “Mkhosi” Cebekhulu nezinye, nakweminye imiqhudelwano yomhlaba esesike sabamba iqhaza kuyona.
Ngakho-ke asikude kakhulu, sisesiswini, phakathi nendawo emhlabeni njengeNingizimu Afrika uma kukhulunywa ngalo mdalo,” kusho uShihan Gumede.
Ongumengameli weKarate South Africa (KSA), uShihan Sonny Pillay, uthe unethemba lokuthi iqembu laseNingizimu Afrika lizolimela ngempumelelo izwe kulo mqhudelwano womhlaba.
“Nginethemba lokuthi leli qembu lalapha KwaZulu-Natal eliholwa nguShihan Gumede oyinjini ye-karate kulesi sifundazwe neqembu lonkana laseNingizimu Afrika elizosimela, lizosimela ngempumelelo kulo mqhudelwano womhlaba eJapan, libuye nezindondo. Ngingeke ngingawubongi uMnyango wezeMidlalo kulesi sifundazwe ngokwenzayo ukweseka lo mdlalo ngayo yonke indlela,” kushaya ngamafuphi uShihan Pillay.
Phakathi kwamakarateta aseNingizimu Afrika, okubalwa nawaseKZN, okubhekeke ukuba enze into yamehlo kulo mqhudelwano womhlaba, kubalwa uMlungisi “Pitbull” Mbizane, Ayanda Gwala, Xolani Gumede, Andile Manci, Bonginkosi Mayaba.
Kwabesifazane kubalwa uGugulethu Mngomezulu, Nokwanda Mngadi, Phiwokuhle Ngubane, Sinazo Tshabalala, Lilly Edmunds noThembelihle Cele, ukubala ababambalwa.
Ngenxa yokunswinya kweNingizimu Afrika ekubambeni iqhaza emiqhudelwaneni yomhlaba kwezemidlalo ngenxa yemithetho kahulumeni wobandlululo, amakarateka akuleli aqala ukubamba iqhaza kwiWorld Full Contact Karate Championships ngo-1987.
Elakuleli lalibophele izibabuli zomkhalambazo okubalwa kuzo u-Alpheus Sabela, Isaac Mashinini, Kwazi Mchunu, Moses Mchunu, noJeffrey “Mkhosi” Cebekhulu.
UCebekhulu ongasekho, usabatshazwa nanamuhla ngokugila izimanga kulowo womqhudelwano ngokugingqa abaseJapan, waze waqokwa njengeBest Fighter of the World.