Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UMngqithi uyayithimula eyezinkunzi ezifuna owe-Arrows

Sibusiso Mdlalose|Published

Isithombe UMDLALI weLamontville Golden Arrows, uSiyanda Ndlovu, umqeqeshi waleli qembu obona kungeke kumphazamise ukuthi ucathanyelwa ngamaqembu aseGauteng

Image: BACKPAGEPIX

PHEZU kokuba isethenjwa somdlali wakhe, uSiyanda “Skhwishi” Ndlovu, siyamaniswa namaqembu amakhulu aseGauteng kodwa umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mngqithi, ukholwa wukuthi sifanelwe okungaphezu “kokugibela ibhasi abheke eGoli.”

UNdlovu (22) osefomini enhle kule sizini, kuvela ukuthi ugaqelwe yiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. 

UMngqithi uthe okwamanje usakuthatha njengamahemuhemu nje okuvela kwabezindaba ngokucathanyelwa kukaNdlovu yila maqembu aseGauteng, njengoba kungekho okubambekayo.

“Kuhlale kunzima kunanoma yimuphi umqeqeshi ukubhekana nesimo sokuba nomdlali ofunwa ngamaqembu amakhulu aseGauteng, ngoba kuyahluka kumdlali ngomdlali ukuthi ukuthatha kanjani lokho. Omunye umdlali uthi angezwa nje ukuthi kukhona iqembu elimfunayo azibone esemkhulu, engabe esalawuleka,” kusho uMngqithi.

“Kodwa uSkhwishi uhluke kakhulu kulabo badlali ngoba ungumfana ozithobile osalangazelele ukufunda nokukhula ngaso sonke isikhathi, ozihluphayo ngokufuna ukuba ngumdlali ongcono. 

Kukho konke lokho, iningi lalezi zinkulumo zokuthi ufunwa amaqembu athize azinabuqiniso ngoba imvamisa la maqembu ayathanda ukukhuluma kwabezindaba ngenhloso yokudunga umqondo womdlali. Eqinisweni nje okwamanje ngingakuqinisekisa ukuthi akukabi bikho okubambekayo ngalezi zinkulumo, kusengamahemuhemu nje abezindaba.”

Lo mdlali wasophondweni lwesokudla odabuka eDoornkop, eMphongolweni, eDannhauser, useshaye amagoli amane, waba nesandla kwayisikhombisa emidlalweni engu-20 kuyona yonke imiqhudelwano kule sizini.

“Ungumdlali osemncane osebenza ngokukhulu ukuzikhandla, okuhlale kuyinjabulo kimina njengomqeqeshi ngaso sonke isikhathi ukusebenza naye. Ngakho engingakusho ngingananazi ngakho wukuthi anginayo nencane inkinga ngaye (uNdlovu) njengamanje. Angiboni zizomphazamisa izinkulumo zokuthi kunamaqembu amfunayo ngoba unezifiso ezinkulu kunalokho abantu abakucabangayo. Uyazi ukuthi ufanelwe ngokungcono kakhulu kunokuthatha ibhasi ebheke eGoli," kusho uMngqithi.

I-Arrows izogadulisana neStellenbosch FC koweNedbank Cup Last 16 eKing Zwelithini Stadium eMlaza, ngoMgqibelo, ngo-6 ntambama.