AMATHAYI adinga ukufuthwa ngendlela efanele ukuze ezokwenza umsebenzi kahle
Image: Sigciniwe
UMA kuthwasa ihlobo abantu baye behambisane nesikhathi bekhuculule izinto ukuze beqale kabusha, abakubiza nge-spring cleaning.
Lokhu akumele kugcine ekuhlanzeni indlu nokunye kodwa kumele kwenziwe nasemotweni, kakhulukazi emathayini.
Intwasahlobo iza nemvula eya ngokwanda uma sekuyihlobo nokwenza imigwaqo ibe manzi okungabeka abashayeli engcupheni uma amathayi abo engekho sesimweni.
Ungoti wamathayi kwaDunlop, uKeith Phelps, uthe abaningi abawacabangi amathayi kuze kuba khona okungahambi kahle kuwo.
“Ngoba imigwaqo izoba manzi nje, kubalulekile ukuthatha imizuzwana embalwa ubheke ukuthi amathayi akho ahlanzekile, aphephile futhi asilungele isikhathi esikuso,” kusho uPhelps.
Nazi izizathu zokuthi kungani kumele amathayi ahlolwe:
Nazi izindlela zokunakekela amathayi:
Related Topics: