USEPHENDUKE insika eqenjini lesizwe labesilisa lombhoxo umdlali oyibamba kwi-hooker, uBongi Mbonambi, ngenxa yokudlondlobala kobuholi bakhe nangendlela azimisela ngayo enkundleni eNdebeni yoMhlaba eqhubekayo eFrance.
UMbonambi (32), odlalela iHollywoodbets Sharks, KwaZulu-Natal, usedlale imidlalo engu-66 kumaBhokobhoko.
Nakuba luselude ukhalo okumele aluhambe ngaphambi kokuthi afinyelele kubadlali abanjengo-Eben Etzebeth, osegqoke ijezi lamaBhokobhoko izikhawu ezingu-117, uWillie Le Roux osedlale imidlalo engu-91, noSiya Kolisi noSteven Kitshoff asebedlale imidlalo engu-81, uMbonambi usezakhele ugazi njengomunye wabadlali okuthenjelwe kubona.
Uqokwe njengokaputeni okokuqala ngesikhathi bedlala ne-Argentina eBuenos Aires, ngo-Agasti, komunye wemidlalo yokungcweka ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba.
Unikezwe ithuba lokuphinde ahole iqembu kule Ndebe yoMhlaba emdlalweni wamaqoqo neRomania, okuyithuba alichaza njengeliyingqayizivele.
“Kuhlale kukhethekile ukuba ngukaputeni wamaBhokobhoko, ikakhulukazi emqhudelwaneni omkhulukazi emhlabeni. Namanje anginawo amazwi okuchaza imizwa yami. Ukuba seqenjini elifana naleli elinamava kwenza umsebenzi wami ube lula enkundleni,” uMbonambi waphawula kanje ngaphambi komdlalo neRomania.
Uhambo lukaMbonambi neqembu lesizwe luqale ngo-2016 ngesikhathi efakwa esikwatini esasidlala uchungechunge lwemidlalo emithathhu ne-Ireland, kulandela ukwenza kahle kwakhe kwiStormers.
Ulime indima enkulu kumaBhokobhoko ehlula iFrance ngo 29-28 kuma-quarter-final ngeSonto, wagcina eqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo. Ngaphandle kwalokho, uphinde wathatha izintambo njengomholi enkundleni kulandela ukukhishwa kukaKolisi ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili.
“Bekuwumdlalo onzima kakhulu, la maqembu abesondelene kakhulu. Ngicabanga ukuthi lonke udumo kufanele luye eqenjini lonke. Besazi ukuthi bekungeke kube lula ukudlala nosokhaya, izihlwele bezicula iculo lesizwe umdlalo wonke. Ngicabanga ukuthi besiwulungiselele kahle,” kusho uMbonambi ngemuva kokuhlula iFrance.
“Kufanele ngituse umqeqeshi uJacques (Nienaber) ngokulungiselela iqembu phakathi nesonto. Iqembu lonke lisebenze ngokuzikhandla, akuwona umzamo womuntu oyedwa. Kusenemidlalo emibili emikhulu okumele siyidlale, akukho esesikufezile,” uphethe kanje.
Ngemuva kokuhoxa kukaMalcolm Marx eNdebeni yoMhlaba ngenxa yokulimala, uMbonambi uyena kuphela umdlali osesele eqenjini lamaBhokobhoko ojwayele ukudlala kwi-hooker. Iqembu selithembele ku-Deon Fourie noMarco van Staden, abajwayele ukudlala kwi-flank, ukuthi babambe kwi-hooker uma kunesidingo.