Iqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane lakuleli likubheke ngabomvu ukuqhudelana neqembu elihamba phambili emhlabeni, i-Australia, ngokusho kukakaputeni walo, uLaura Wolvaardt.
AmaProteas aye e-Australia ngoLwesithathu, ukuyophothula amalungiselelo awo ochungechunge lwemidlalo emithathu ye-T20 oluzoqala ngoJanuwari 27.
La mazwe womabili azophinde abhekane emidlalweni emithathu yama-over angu-50, kusukela ngoFebhuwari 3, aphinde adudulane kowodwa we-Test ozoqala ngoFebhuwari 15.
Iqembu lesizwe labesifazane lakuleli alikaze liyihlule i-Australia kunoma yiluphi uhlobo lwekhilikithi. Bagcina ukubhekana kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba yeT20 eNingizimu Afrika, ngoFebhuwari nyakenye, kwanqoba i-Australia ngama-run angu-19.
“Sijabule ngalolu hambo lwase-Australia. Ngicabanga ukuthi umfutho ngaphakathi eqenjini muhle futhi uphezulu. Lolu wuhambo oluyingqophamlando, ikakhulukazi njengoba singakaze sibehlule. Sonke siyayithokozela le nselelelo. Bayiqembu elihamba phambili emhlabeni ngakho-ke kuzoba yisivivinyo esihle kithina,” kusho uWolvaardt.
“Baqinile kuzo zonke izinhlobo zekhilikithi, okusho ukuthi kuzomele sidlale ikhilikithi esezingeni eliphezulu. Yilokho vele esikufunayo, ukuzibekela inselelo futhi siziqhathanise namaqembu ahamba phambili emhlabeni. Sifuna ukubona ukuthi sikuphi njengeqembu.
“Kungabe lukhulu uma singase sinqobe umdlalo noma imidlalo embalwa. Ikhono sinalo, kufanele silikhombise ensimini. Kuzodingeka siqine kuzo zonke izindawo ukuze sikufeze lokho. Ngiyazi ukuthi singakwenza futhi ngethemba ukuthi nathi sizobanika inselelo.”
Umshwibi weqembu laKwaZulu-Natal iDolphins, u-Ayanda Hlubi, owadlalela iqembu lesizwe okokuqala ochungechunge lwe-T20 ne-Bangladesh ngasekupheleni konyaka odlule, ufakwe eqenjini lemidlalo yosuku olulodwa (ODI) okokuqala.
Unethemba lokuthi uzoqhubeka nezinga elihle alikhombise ngesikhathi enikwa ithuba lokubhekana neBangladesh, lapho akwazi ukuthatha khona amawikhethi amabili nge-over yakhe yokuqala.
“Ngifuna ukubakhombisa ukuthi ngingubani. Ngifuna ukufika khona ngidlale kahle kakhulu njengasochungechungeni esiludlale neBangladesh. Ngihlose ukudlala ezingeni lami eliphezulu. Bayiqembu eliyingozi kakhulu futhi bajwayele ukudla izicoco zeNdebe yoMhlaba kodwa ngifuna ukuphuma ezinkundeni zabo ngazi ukuthi ngenze konke okusemandleni,” kusho uHlubi.
Iqembu lama-Proteas elizodlala owe-Test okuzoba ngowokuqala phakathi kwala mazwe amabili lizodalulwa maphakathi nochungechunge lwe-ODI.
Isikwati samaProteas esizodlala imidlalo yeT20 neye-ODI: Laura Wolvaardt, Anneke Bosch, Masabata Klaas, Eliz-Mari Marx, Sune Luus (Titans); Tazmin Brits, Mieke de Ridder (Badgers); Nadine de Klerk, Marizane Kapp, Delmi Tucker (Western Province); Ayanda Hlubi, Nonkululeko Mlaba (Dolphins); Sinalo Jafta, Ayabonga Khaka, Chloé Tryon (Lions).