IPHINI lomqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli lebhola lombhoxo labesifazane, uFranzel September, linethemba lokuthi lizonyukela kwelinye igiya uma selibhekene neBarbarians e-Athlone Stadium ngoMgqibelo, ngo-4.30 ntambama.
AmaBhokobhoko esifazane aguqise iqembu lase-United States of America, iSan Clemente Rhinos, ngo 22-17 ngoLwesibili emdlalweni wawo wesibili ekhempini yokugcina ngaphambi komqhudelwano we-WXV2 ngenyanga ezayo.
Abesevele ebhubhudle iKenya ngo 77-12 kowokuqala obuse-University of Western Cape ngempelasonto.
U-September uthe ibakhuthazile indlela iqembu elidlale ngayo neRhinos kodwa bayazi ukuthi kumele benze okungaphezulu uma sebebhekene neqembu amaBarbarians elibunjwe ngabadlali abasezingeni eliphezulu abaqhamuka emazweni ahlukene.
“Okubaluleke kakhulu kithina wukuthi wonke umuntu oyingxenye yeqembu ulitholile ithuba lokudlala akhombise ukuthi yini angayenza.
Abanye abadlali bakhombisile ukuthi bafuna ukuba seqenjini isikhathi eside,” usho kanje umqeqeshi.
“Isibindi abasikhombisile sizokwenza kube nzima uma sekuhlungwa isikwati sokugcina. Bakuveze kwacaca ukuthi bafuna ngempela ukuqhubekela phambili neqembu.
“Kulo mdlalo olandelayo neBarbarians silindele ukuthi aligcine ezandleni ibhola, alidlulisele ezinhlangothini njengoba ehlale enza. Izifundo esizithole sibhekene neRhinos zisenza siqiniseke ukuthi sizokwazi ukudlala kahle uma sibambelela ezintweni esizenza kahle.”
Iqembu amaBarbarians lizoqeqeshwa nguSean Lynn, onqobe umqhudelwano wePremier 15s e-England neGloucester-Hartpury.
Abadlali abanamava abaqokiwe nguVicky Fleetwood wase-England, Elinor Snowsill waseWales, Patricia Garcia Rodriguez waseSpain noSara Barratin wase-England.
Abanye abanesasa abazobe bekhona nguLindsay Peat noCiara Griffin base-Ireland noCarla Hohepa beno-Eloise Blackwell abadabuka eNew Zealand.