AZOPHINDE athembele emandleni amaBhokobhoko uma esedudulana ne-Ireland emdlalweni obhekwe ngabomvu eNdebeni yoMhlaba eStade de France, eParis, ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku.
Lo mdlalo ungomunye wemidlalo elindelwe yiningi labalandeli bebhola lombhoxo njengoba kuzodudulana ompetha bomhlaba neqembu elikleliswe phezulu emhlabeni.
Womabili la maqembu asenqobe imidlalo emibili yokuqala kuPool B. AmaBhokobhoko ashaye iScotland ngo 18-3 ngaphambi kokuqothula iRomania ngo 76-0. I-Ireland nayo izigwazele ibhece ishaya iRomania ngo 82-8 ngaphambi kokuqumba phansi iTonga ngo 59-16.
Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, wenze izinguquko ezingu-13 eqenjini elidle iRomania, ebuyisa elicishe lifane naleli elivule umqhudelwano neScotland.
Abadlali ababili abaqalile koweRomania, abazigcinile izindawo zabo kwelizoqala ngoMgqibelo nguBongi Mbonambi, odlala kwi-hooker, noDamian Willemse ozodlala kwi-fullback kowangempelasonto.
Ithimba labaqeqeshi bamaBhokobhoko likhethe ukufaka izikhondlakhondla zaphambili eziyisikhombisa ebhentshini nomdlali oyedwa wasemuva. Leli qhinga lasebenza kahle ngesikhathi beshaya i-New Zealand emdlalweni wokugcina wokungcweka ngaphambi kweNdebe yoMhlaba.
“Kwasisebenzela kahle kulowo mdlalo. Abadlali abaqalayo nabasuka ebhentshini banomsebenzi othile okumele bawenze, uma sebewufezile silanda abasebhentshini,” kusho uNienaber.
“Abanye abantu bangathi abaqalayo yilabo abahamba phambili kodwa akusebenzi kanjalo kithina.”
Yize amaBhokobhoko edlale nomdlali oyedwa wasemuva ebhekene nama-All Blacks, isinqumo sokwenza okufanayo emdlalweni we-Ireland sikhiphe imibono ehlukene kubahlaziyi nabalandeli, abanye besihlaba, abanye bevumelana naso.
U-Nienaber uvumile ukuthi leli qhinga linabo ubungozi kodwa ukholelwa ekutheni bazokwazi ukuvala zonke izikhala uma kudingeka benze izinguquko.
“Kusobala ukuthi abantu bazobona ubungozi, nathi siyakuqonda lokho kodwa ngemuva kokucubungula konke sibone kuyinto okufanele siyenze. Abadlali esinabo ebhentshini bakwazi ukudlala ezindaweni ezahlukene, noma ngingeke ngiphawule kakhulu ngalokho ngoba kuyingxenye yamaqhinga ethu,” usho kanje.
AmaBhokobhoko ne-Ireland sebedlale amahlandla angu-27. Iqembu lakuleli linqobe imidlalo engu-18, i-Ireland yathatha eyisishiyagalombili, owodwa waphela zibambene. Bagcina ukubhekana ngoNovemba nyakenye eDublin, kwanqoba i-Ireland ngo 19-16.
“Bayiqembu elihamba phambili emhlabeni, elisezingeni eliphezulu kakhulu. Angicabangi ukuthi buningi ubuthaka emdlalweni wabo. Lona cishe ngomunye wemidlalo wonke umuntu afisa ukuba yingxenye yayo,” uNienaber uqhube kanje.
I-Ireland iqeqeshwa yinkakha yase-England, u-Andrew Farrell, kusukela ngo-2020. Ukaputeni nguJohnny Sexton, ungomunye wabadlali abayingozi njengoba eqala iminyakazo egijima kwi-flyhalf. Abanye okulindeleke ukuthi babe wuhlupho nguJosh van der Flier, odlala kwi-flank, nogijima ephikweni, uBundee Aki, odabuka eNew Zealand.
Njengamanye amaqembu ambalwa kulo mqhudelwano, i-Ireland nayo inomdlali owazalelwa eNingizimu Afrika eqenjini layo, okunguRob Herring odlala indawo ye-hooker.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana ne-Ireland:
Abazoqala: 15 Damian Willemse, 14 Kurt-Lee Arendse, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Cheslin Kolbe, 10 Manie Libbok, 9 Faf de Klerk, 8 Jasper Wiese, 7 Pieter-Steph du Toit, 6 Siya Kolisi (ukaputeni), 5 Franco Mostert, 4 Eben Etzebeth, 3 Frans Malherbe, 2 Bongi Mbonambi, 1 Steven Kitshoff.
Abasebhentshini: 16 Deon Fourie, 17 Ox Nche, 18 Trevor Nyakane, 19 Jean Kleyn, 20 RG Snyman, 21 Marco van Staden, 22 Kwagga Smith, 23 Cobus Reinach.