AMAQEMBU ebhola amaningi eNingizimu Afrika aphethwe yimindeni kodwa abalandeli bashaya amakhala ngalokhu uma imiphumela ingabajabulisi.
Kuyinto ejwayelekile ebholeni lakuleli ukuthi amaqembu ebhola adlala esigabeni esikhulu iPremier Soccer League aphathwe yimindeni, yabelane izikhundla. Empeleni kusukela kudala, izikhundla ezimqoka emaqenjini amaningi zinikezwa amalunga emindeni.
Lokhu akucaci noma kwenziwa wumuzwa wokwethembana noma yingoba lawo malunga efanelwe wukugixatshezwa ngezikhundla. Umphumela walokhu uhlukene ngokwamaqembu kwazise amanye ayaphumelela, amanye agcina eshone phansi.
Uma kukhulunywa ngamaqembu aphethwe wumndeni kugqama iKaizer Chiefs kaKaizer Motaung engenzi kahle kulezi zinsuku. Ukushaya udaka kwaMakhosi sekuholele ekutheni abalandeli balimise ngesihloko elokuthi yingoba aphethwe wumndeni futhi akukho kuwona ukutshelana amaqiniso ngezinqumo ezingashayi emhloleni ezithathwayo.
KwiChiefs kukhona amadodana kaMotaung uBobby oyimenenja, Kaizer Motaung Junior oyi-Sporting Director namadodakazi akhe amabili uJessica oyi-Director of Marketing and Sales noKemiso oyi-Head of Marketing and Digital. Kwi-Orlando Pirates kasihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, kukhona indodana yakhe uNkosana oyi-Managing Director noMpumi onconywayo ngempumelelo yakamuva yeqembu. Eminyakeni edlule bekukhona uZodwa owadlula emhlabeni ngo-2006 eyi-Brand Manager kweZimnyama.
Amanye amaqembu ePSL aqashe amalunga emindeni yiTS Galaxy kaTim Sukazi okukhona kuyona umkakhe uDudu oyiMarketing Director noSifiso Sukazi oyimenenja. KuMaZulu kukhona umengameli uSandile Zungu nendodakazi yakhe uSinenjabulo oyi-Chief Executive Officer (CEO) nendodana yakhe uMfundo eyimenenja yenkulisa.
Amanye yiCape Town Spurs ephethwe yizelamani zakwa-Efstathiou, u-Ari no-Alexi. IFree State Stars ebiphethwe nguMike Mokoena ongasekho, obeyibambe namadodana uRantsie noKootso, igawulwe yizembe kwiDStv Premiership ngo-2019.
UChief Thidiela, osengusihlalo weBlack Leopards eyibamba kwiMotsepe Foundation Championship, uthe ukuphatha iqembu niwumndeni akusho ukuthi kuvunyelwana ngakho konke futhi akuphikiswana ngaphambi kokuthatha izinqumo ezimqoka. Le liqembu uliphethe noyise ongumsunguli walo uDavid nabafowabo uRendani,Tendani noFulufhelo.
“Kusukela kudala, bekuvele kuyimindeni ephethe ibhola eNingizimu Afrika. Ukuba bekungenjalo ngabe amanye amaqembu kade ashabalala. Sifaka imali yemindeni yethu. Ayikho indlela yokuthi singenza izinto ezingalungile.
Lokhu okwenzeka kwiChiefs akuhlangene nokuthi iphethwe wumndeni. Uma into kungeyakini usebenza ngokuzikhandla ngoba awufuni ishone phansi.Uvuka ngisho ulele uma kuqhamuka into edinga ukulungiswa,” kusho uThidiela.
“UZodwa Khoza ongasekho wayehlala engitshela ukuthi iyashuba impikiswano phakathi kwakhe noyise. Akuyona into embi leyo. Yibona abadala esithola kubona ubuhlakani.
“Kuyaliwa, kuphikiswane kuze kuvunyelwane. Ayikho imali engako ebholeni kodwa sonke sikulona ngenxa ngothando,” kusho uThidiela.
Umndeni wakwaThidiela kudingeke uthenge elinye iqembu, uvuse iLeopards isidliwe yizembe kwiChampionship kulandela ukuthengwa kwayo i-All Stars ekuqaleni kwesizini edlule.
Kunzima ukuqagula okucekele phansi le liqembu laseLimpopo eselikhiqize inqwaba yabadlali abayibamba kwiPremiership okukhona kubona uLesedi Kapinga wePirates noKhuliso Mudau weMamelodi Sundowns.
Umndeni wakwaMokoena ushabalale ebholeni ngaphambi kokuqala kwesizini edlule kulandela ukudayisa kwawo iFree State Stars esiyaziwa ngeCasric Stars yaseMpumalanga.
Nakuba uRantsi elimisa ngesihloko elokuthi usazothatha isikhathi ngaphambi kokubuyela ebholeni kodwa uthe kuyasebenza ukutshelana amaqiniso uma niwumndeni niphethe iqembu.
“Kufanele nibe neqiniso uma kukhona ongasebenzi. Njengomndeni niyazana, ngeke nibeke umuntu esikhundleni esingamfanele. Kumele nazane ukuthi ubani umandla kuphi nomunye kanjalo.
“Umfowethu muhle ekuboneni abadlali abanekhono. Mina ngimandla ekuphathweni kweqembu, kodwa lokho akusho ukuthi besivumelana ngakho konke. Ibishuba impikiswano uma sekumele kuthathwe izinqumo. Nami kwesinye isikhathi ngangiphuma ngitshele abezindaba isinqumo ebengingahambisani naso,” kusho uRantsi.
Uqhubeke ngokuthi kukubantu abamnyama kuphela lapho abantu bebona kungalungile ukuphatha iqembu niwumndeni. Kwezinye izinhlanga kuyenzeka.
Izinkampani ziphethwe yimindeni futhi ziyadlondlobala. Uma kwenziwa yithina, abantu sebenemibuzo. Ucabanga ukuthi uBobby kufanele ayofuna umsebenzi kwenye inkampani ekubeni uyise eneqembu elikhulu eNingizimu Afrika.
Uma kuthiwa omunye kwiChiefs akawenzi umsebenzi wakhe ngendlela, singakhuluma ngalokho. Uma into yakini ingahambi kahle, uwena ozwa kakhulu ubuhlungu ngoba nilahlekelwa yimali.
Liyakhala izembe kwiPSL. Amaqembu awina izicoco. Noma kunjalo kodwa abantu bayaqhubeka nokuyigxeka eyokunqwabelana kwamalunga emindeni emaqenjini abawathandayo. Isizathu asaziwa.