LIGQEMEKE ingozi iqembu lesizwe lakuleli lebhola lombhoxo labesilisa ngokulimala kwesinye sezethenjwa uMalcolm Marx.
Lo mdlali odlala endaweni ye-hooker ulimale edolweni eziqeqesha neqembu ngoLwesithathu. Kuthiwe ngeke esadlala emidlalweni esele eNdebeni yoMhlaba eqale ngesonto eledlule eFrance.
Ngokwemithetho yalo mqhudelwano amaBhokobhoko angabiza noma yimuphi umdlali ukuthi azovala isikhala sakhe. Umqeqeshi uJacques Nienaber uthe basazosicubungula isikwati abanaso ngaphambi kokumemezela isinqumo.
“Sidumele kakhulu ngokwenzeke kuMalcolm futhi simfisela konke okuhle ekululameni kwakhe. Ubesebenze kanzima ukuze abe sesimeni esihle kulo mqhudelwano, futhi kuyadabukisa ukuthi sekuphethe ngale ndlela,” kusho uNienaber.
“Sinabadlali abenele eqenjini abangadlala indawo ye-hooker njengoBongi (Mbonambi) noDeon (Furie) , kanti noMarco (van Staden) besimkhethele yona. Sizohlola izidingo zethu bese siqinisekisa ukuthi ngubani esizombiza ngokuhamba kwaleli sonto."
Kwenzeka lokhu nje amaBhokobhoko alungiselela umdlalo wesibili wamaqoqo azowudlala neRomania eStade de Bordeaux ngeSonto ngo-3 ntambama.
Elakuleli liqale ukuvikela iNdebe yoMhlaba ngokuguqisa iScotland ngo 18-3 ngeSonto eledlule. IRomania yavula ngesibhaxu sika 82-8 esithole kwi-Ireland.
Noma kunjalo, iphini lomqeqeshi wamaBhokobhoko, uFelix Jones lithe akufanele bazithele ngabandayo kulo mdlalo ukuze bathole umphumela abawudingayo,.
“Sizowuthatha njengayo yonke imidlalo lo mdlalo neRomania. Okumqoka kakhulu wukuzinika ithuba lokuwunqoba bese sibona ukuthi kuzolandelani,” kusho uJones.
“Umqeqeshi wabo ukhulume ngqo nabalandeli ngemuva komdlalo wabo wakamuva wathembisa ukuthi bafuna isizwe sabo siziqhenye ngabo. Bayiqembu elizimiselayo futhi ngeke basabe ukusebenzisa amandla abo. Nabo banabadlali abahle emuva, bakhahlela kahle, ngakho-ke ziningi izindlela abangasilimaza ngazo.”
INingizimu Afrika neRomania basabhekane kanye phambilini. eNdebeni yoMhlaba ka-1995, kwanqoba amaBhokobhoko ngo 21-8 eKapa.
Iqembu lamaBhokobhoko elizodlala neRomania:
Abazoqala: 15 Willie le Roux, 14 Grant Williams, 13 Canan Moodie, 12 Andre Esterhuizen, 11 Makazole Mapimpi, 10 Damian Willemse, 9 Cobus Reinach, 8 Duane Vermeulen, 7 Kwagga Smith, 6 Marco van Staden, 5 Marvin Orie, 4 Jean Kleyn, 3 Vincent Koch, 2 Bongi Mbonambi (ukaputeni), 1 Ox Nche.
Abasebhentshini: 16 Deon Fourie, 17 Steven Kitshoff, 18 Trevor Nyakane, 19 RG Snyman, 20 Jasper Wiese, 21 Jaden Hendrikse, 22 Faf de Klerk, 23 Jesse Kriel.