BAKHALA ngobunzima oMasipala baKwaZulu-Natal abathi bakweletwa yiminyango kahulumeni u-R3 billion.
Usihlalo wenhlangano yomasipala, iSA Local Government (Salga) KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli uthe omasipala nabo sebephoqeleka ukutsheleka imali abazoyisebenzisa ngesikhathi besalinde ukuthi iminyango kahulumeni ibakhokhele.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngezinkinga ezikhungethe omasipala, izolo eThekwini.
UNtuli uthe kungokokuqala emlandweni ukuthi isikweletu seminyango kahulumeni sifike kuR3 billion.
Iminyango ekweleta kakhulu owezeMpilo, owezeMfundo nowezeMisebenzi yoMphakathi.
Isikweletu esikhulu esamanzi, kube esama-rates nesikagesi.
Uthe sekuyinto eyejwayelekile ukuthi omasipala bazithole bephoqeleka ukudala izikweletu ngenxa yokwanda komkhuba wokungakhokhi ngesikhathi kweminyango kahulumeni.
“Indlela omasipala abenza ngayo isabelomali sabo, basenza bebala nemali abasuke bezoyiqoqa.
“Uma iminyango kahulumeni namabhizinisi behluleka ukukhokha ngesikhathi, kuphoqa omasipala ukuthi bayodala izikweletu ukuze kungaphazamiseki izinhlelo zentuthuko abasuke bezihlelile.”
“Ukunyuswa kwemali ekhokhwa uma uboleka imali ifike ngesikhathi esinzima komasipala. Imali inyuswe ngesikhathi kunesidingo esikhulu komasipala ukuthi batsheleke imali ngenxa yokungakhokhi kweminyango kahulumeni.
“Kuyasikhathaza ukuthi ayikaze yehliswe namanje imali ekhokhwa uma uboleka. Lesimo siphazamisa ukusebenza komasipala,” kusho uNtuli.
Uqhubeke ngokuthi imali enkulu ekhokhwa uma kubolekwa, yenza kube nzima komasipala ukuyibuyusela.
Isikhulu esiphezulu kwiSalga KwaZulu-Natal, uMnuz Sabelo Gwala uthe sikhula ngamandla isikweletu seminyango kahulumeni.
“Ngonyaka owedlule isikweletu besingu-R2,5 billion, manje esingaphezu kuka-R3 billion. Kuke kwakhona isikhathi lapho khona isikweletu besiphansi, singuR500 million.”
“Uma omasipala bethi babasela izikweletu, bayaye batshelwe ukuthi imali inikezwe imikhandlu yabazali (ezikoleni).
“Uma bethi bakhuluma nemikhandlu yabazali, imikhandlu yabazali, ibatshele ukuthi ayikayitholi imali. Yingakho- ke kwesinye isikhathi kuyaye kuze kuphoqe ukuthi omasipala bavale amanzi,” kuqhuba uGwala.
Uthe bayayeseka imikhandlu evala amanzi eminyangweni kahulumeni ekweletayo.
“Ayikho enye indlela omasipala abangenza ngayo ukuze bakwazi ukuqoqa izikweletu zabo,” ephetha.